UMapule uphucwe ibhande ngoba ebandlululwa, kusho umqeqeshi

UMapule uphucwe ibhande ngoba ebandlululwa, kusho umqeqeshi
UMapule Ngubane
Alfred Ngubane 

USimon Ndlovu ongumqeqeshi wabashayisibhakela uthi uMapule Ngubane wephucwe ngendlela engalungile ibhande lakhe.

UNdlovu ukhala uyazithulisa ngakubiza ngokuthi ukugcindezela amabhokisa abantu abamnyama athi kwenzisa yinhlangano ephethe ezamankomane kuleli iBoxing SA.

Uthi uMapule uphucwe ibhande lakhe lakuleli esigabeni seMiddleweight ngoba ephuze ukuvuselela ilayisense yakhe.

“UMapule ubengekho ohlwini olwakhishwa yiBoxing SA lompetha bakuleli ezigabeni ezehlukene,” kusho uNdlovu.

“Kuyangidumaza kakhulu lokhu okwenziwa kumuntu wesifazane ekubeni bevele beyindlala abashayisibhakela besifazane eNingizimu Afrika.

FUNDA NALA: IPirates ibuye seyilandela emuva ngamagoli amabili ibhubhisa elaseSwatini

“Ngoze ngife ngimangele ngokuthathwa ngesinxele kwebhande lakhe ngoba nakhu engumuntu wesifazane oqhamuka KwaZulu-Natal.

“Bakwenze lokhu goba bengasithathi njengabantu abasaziyo isibhakela. Kodwa ngifuna ukusho kugcwale umlomo ukuthi uzophinde aliwine futhi leli bhande,” kuchaza uNdlovu.

“UMapule uzolwa ezimpini zeStarline Boxing Promotion ngoMeyi 1. Ngizobageza igilo laba abacabanga ukuthi alisifanele thina leli bhande.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.