UMapule uthembisa ukulelamanisa maduze ibhande lakhe

UMapule uthembisa ukulelamanisa maduze ibhande lakhe
UMapule Ngubane
Alfred Ngubane 

UMapule Ngubane ubhodlele kuRushida Malik wabuyisa ibhande lakhe wabe esethembisa ukulelamanisa ngamanye ngokushesha.

Le ntokazi yaseMabomvini ihlule uRushida ngamaphoyinti eGreyville Racing Course empini eqale ishisa yaze yaphela isezingeni elifanayo.

Ekhuluma neMpempe ngemuva kwempi, uMapule uthi umthwese ubunzima obukhulu le ntokazi yaseKapa kodwa esesitebeleni sikaDaiman Durant.

Uthi manje usefuna amabhande amathathu omhlaba njengoba enqobe kabili elakuleli esisindweni seMiddleweight nje.

“Yisiqalo lesi. Bengifuna ukubuyisa leli bhande lami bese ngidlulela kwamanye,” kusho le ntokazi yaseMgungundlovu.

“Manje ngoba selibuyile ke nje sengifuna ukulilamanisa ngamanye asezingeni lomhlaba ukuze ngikhombise ukuthi angizelanga ukuzodlala lapha esibhakeleni.”

FUNDA NALA: USukazi usukela izinqandu zizihlalele ngalezi zinkulumo zakhe

URushida ubongele uMapule wathi ubekufanele ukunqoba njengoba emnike ubunzima obukhulu wathi manje yena kumele abuyele emuva bayolungisa nabaqeqeshi bakhe.

Kwezinye izimpi bezikhona, uSiyabonga Mpangela waseMpangeni uthele phansi uMpilo Cele waseMlazi ngomgqimuzo womlalisa phansi bebanga ibhande le sifundazwe esisindweni seJunior Bantamweight.

Enye impi yebhande beyiphakathi kukaBrendan Naude noKhanyisani Mbokazi bebanga elesifundazwe esisindweni seJunior Lightweight. Kunqobe uMbokazi ngamaphuzu njengoba le mpi beyinzima kakhulu kubo bobabili.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.