UMapule uzobhodlela kuRashid, abuyisele ibhande lakhe kwagogo

UMapule uzobhodlela kuRushida, abuyisele ibhande lakhe kwagogo
UMapule Ngubane
Alfred Ngubane

UMapule Ngubane usekhiphe isixwayiso wasibhekisa embangini yakhe uRushida Malik azofihlela naye izinzipho bebanga isicoco sakuleli esisindweni seMiddleweight.

Utshele Impempe ukuthi njengoba bamphuca ibhande lakhe ngendlela engacacile, ngeke avume nokuthi alinuke uRashid ophekwa nguDamian Durant oyindodana kaNick Durant ongasekho emhlabeni.

Le mpi yakho izoba seGreyville Race Course eThekwini ngeSonto likaMashi 27.

“Leli bhande balithatha ngepolitiki kimi. Ngelami leli bhande futhi ngizophinda ngilinqobe ngilubuyisele ekhaya.

“Ngifuna ukuyoliphanyeka ekhaya emgibeni wezinduku zabafowethu endlini enkulu kagogo lakushiselwa khona impepho.

“Uma abakithi koNgubane besangibhekile nje, yena akakhohlwe. Lolahlwa yimi emgqonyeni kadoti kodwa cha akekho ozolithatha kimina ngokuthi angehlule,” kusho le ntokazi sakuchoma.

Uphinde wacela abalandeli bakhe nabalandeli besibhakela bonkana ukuthi baphume ngobuningi bezobona isibhakela esinenkosi phakathi.

FUNDA NALA: ULebo ukhomba abasubathi abazoqhubeka nendlela njengoba yena esekhathala nje

UMapule uqeqeshwa nguSamson Ndlovu waseMtubatuba. Kwenye impi, uNoni Tenge uzovikela ibhande lakhe leWBF esisindweni seSuper Middleeeight ku-Emma Kozin wase GermanngoMeyi28.

Leli bhande lizomvulela amathuba okuthi adlalele ibhande leWBC Silver uma enqobile njengoba eyobe esebhekana noPatricia Berghult ophethe amabhande amabili – eleWBF neleWBC.

UTenge useke wawaphatha amabhande amathathu omhlaba okungele-IBF, WBF ne-IBO phambilini.

Le mpi kaTenge izoba phesheya kwezilwandle kwelaseGermanykanti kuyo kuzobuye kuqongelelwe imali yokusiza uFrancis Botha owayengumshayisibhakela waseNingizimu Afrika.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.