UMarques ufike kwiCity ezovala isikhala okwesikhashana wasenza esakhe

UMarques ufike kwiCity ezovala isikhala okwesikhashana wasenza esakhe
UHugo Marques weCape Town City
OkaDonga Gumbi

Ngesikhathi efika kwiCape Town City uHugo Marques wayezovala isikhala ethimbeni lonozinti izikhashana kulandela ukulimala kukaDarren Keet.

Kodwa lo nozinti wavele wawenza ngendlela encomekayo lo msebenzi kangangokuthi iqembu selize lamelulela isikhathi azosihlala.

ICity yengeze omunye unyaka kwinkontileka kaMarques ongowokuzalwa e-Angola kodwa onobuzwe nasePortugal.

Ngendlela avimbe kahle ngayo ube nesandla ekutheni iCity iqede endaweni yesibili kwiDStv Premiership okokuqala kusukela yasungulwa.

Yingakho kungathusanga ukuthi kube nguye oklonyeliswa ngendondo yokuba nguNozinti oVelele kule sizini yiPremier Soccer League.

“Kuyinto enkulu kakhulu kimi ukuthi ngifake igama lami kwawonozinti abakhulu eNingizimu Afrika,” kusho uMarques oneminyaka engu-36. 

“Ngethemba ukuthi ngizoba khona nangesizini ezayo (ohlwini lwabazoklonyeliswa) ngoba ngifuna ukusebenza ngokuphindiwe ukuze ngibe ngcono kunalokhu ebengiyikho kulokhu.” 

FUNDA NALA: IStellies sesikudalulile ukuthi uDu Preez uya kwiChiefs

UMarques uzophinde adingeke ukuba akhombise ubuqhawe bakhe ukusiza iCity uma seyidlala kwiCaf Champions League okokuqala ngesizini ezayo. 

“Sekuyisikhathi sokuhamba siyonqoba i-Afrika,” wengeze kanje. UMarques noLuke Fleurs weSuperSport United yibona kuphela abadlali abangabona abeMamelodi Sundowns abawine izindondo kule miklomelo.

Njengoba ngesizini ezayo uKeet ezobe eseluleme ngokuphelele nje, umqeqeshi weCity u-Eric Tinkler uzophathwa yikhanda uma sekufanele aqoke azoqala ngaye kulabo nozinti.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.