UMashele ufuna ukusivikela isicoco seRun Your City

UMashele ufuna ukusivikela isicoco seRun Your City
UPrecious Mashele
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter 

UPrecious “Lion” Mashele uzobe ebheke ukuvikela isicoco sakhe kwi-ABSA Run Your City uma esegabavula nezimbangi zakhe ezinkulu ngeSonto eThekwini.

UMashele ube nengxoxo neMpempe ngoLwesihlanu wathi uzoqinisekisa ukugudluza imbangi yakhe uSteven Mokoka.

Uthi umqonda kahle ukuthi ungumuntu onamaqhinga amaningi kakhulu njengoba uMokoka egabe ngamava.

Phela uMukoka usanda kumshiya kwiSA Marathon eCape Town. Kodwa yize uMashele ebheke uMukoka kakhulu bakhona nabanye abasubathi abayingozi kuye.

Kukhona oMbulaweni Mathanga wePhantane Athletics Club kaMdu “Mashanyelazonke” Khumalo ongomunye wabasubathi abangaguqula amatafula kulo mjaho.

Kwabesifazane kubhekwe kakhulu uGlenrose Xaba ukuthi aqhubeke lapho egcine khona ukunqoba.

Abanye ababhekiwe ngamawele akwaPhalula oLebo noLebogang abanamava kakhulu ngokunqoba Spar Ladies.

UGlenrose weBoxer Athletics Club uthi uzosebenzisa lesifundazwe saKwaZulu Natal ukunqoba iRun Your City Series

Ngenkathi ekhuluma neMpempe, uthi lapha KwaZulu-Natal kusekhaya lakhe ngakho ayikho inkunzi engakhishwa esibayeni sayo.

Kuzokhumbuleka ukuthi usanda kunqoba kwiCross Country Championships khona eManzimtoti eKZN.

UGlerose uveze ukuthi iRun Your City umjaho wakhe wokugcina kulo nyaka usezozongela unyaka ozayo ngemuva kwayo.

FUNDA NALA: UVilla uthembisa esiqhwiza umentshisi ezimpi zakhe

“Kuzoba wumjaho wami wokugcina lona. Yingakho ngifuan ukwenza kahle kuwo ukuze ngivale unyaka ngegiya eliphezulu,” kusho yena.

Uphinde wava ukuthi ubonga kakhulu umama wakhe ohlale emcushisa ngempilo nokuthi inhlonipho uyincele ebeleni.

Uncome nokusebenza noSteven Mokoka noCaster Semenya wathi bamsiza kakhulu.

“USemenya uyesabeka uma umbukela kude kodwa uma sewuseduze naye uyathola ukuthi ungumuntu onomoya omuhle.

“Nokho akezwani namavila, ufuna umuntu ojima ngokuzimisela ngalapho,” kuphetha lentokazi.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.