UMashiane uthembisa ukubuyisa izinduku kwiRoyal AM

UMashiane uthembisa ukubuyisa izinduku kwiRoyal AM
UHappy Mashiane
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UHappy Mashiane weKaizer Chiefs uthi bazokwenza isiqiniseko sokuthi umbani awushayi kabili endaweni eyodwa uma sebebhekene neRoyal AM.

Leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mpisane lithele ngehlazo Amakhosi liwabhambabula ngo 4-1 emlenzeni wokuqala eFNB Stadium.

Akekho owayelindele lo mphumela uma kubhekwa ukuthi iRoyal AM ibisanda kuhlanganiswa.

La maqembu azophinde atholane phezulu emzuliswaneni wesibili weDStv Premiership eChatsworth Stadium, eThekwini, ngeSonto, ngo-3.30 ntambama.

“Mayelana nomdlalo esawudlala neRoyal AM akubanga yinto enhle, saphoxeka kakhulu.

“Siyazi ukuthi sidlalela iqembu elikhulu ngakho ngeke sivele sidedele amagoli amane ekhaya,” kusho uMashiane.

“Njengoba siya kubona kumele sifike silwe ukuze ingaphinde yenzeke le nto eyenzeka. Siwulungele ngakho konke umdlalo waseThekwini.”

UMashiane ubekhona futhi uwuqalile umdlalo ngesikhathi iChiefs ishaya iSekhukhune United ngo 2-0 ngeSonto.

Lo mdlali ubesehlale isikhathi engadlali ngaphansi kukaStuart Baxter. NgeSonto izintambo bezibanjwe ngu-Arthur Zwane.

“Bese kuyisikhathi eside ngingadlali ngakho ngiyajabula ukuthi ngilitholile ithuba. Kumele ngisebenze kanzima ukuze ngithole ithuba eliningi lokudlala.

“Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngenza kahle uma nginikiwe ithuba ngoba ngiyazi ukuthi kumele ngihlale ngilikhuphula izinga njalo.”

UMashiane ube nesandla egolini lokuqala elishaywe uNkosingiphile Ngcobo bebhekene neSikhukhune.

“Ukudlala neSikhukhune bese ngibe nesandla kwelinye lamagoli yinto engaziyo ukuthi ngingayenza kangcono.

FUNDA NALA: UNcikazi usola onompempe ngokubhayizisa iPirates 

“Njengoba ngishilo kumele ngenze isiqiniseko sokuthi ngishiya umaka njalo uma ngithola ithuba lokudlala,” kuphetha uMashiane.

Akwaziwa ukuthi lizobe libophele baphi abadlali iqembu elizobhekana neRoyal AM ngemuva kokuhaqwa yiCoronavirus kwabanye abadlali.

UKeagan Dolly, Khama Billiat noNjabulo Ngcobo, abanye babadlali abebengekho emdlalweni weSekhukhune.

Nasebhentshini njengoba uBatxer ebengekho emdlalweni weSikhukhune, akwaziwa noma uzobe esebuyile yini ngeSonto.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.