UMashiane wenze isithembiso esingaphulwa ngeChampions League

UMashiane uthembise unina indondo yeChampions League - uzoyilelwa
UHappy Mashiane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kubo bonke abadlali beKaizer Chiefs, cishe uHappy Mashiane uzozikhandla ukwedlula bonke ukuqinisekisa ukuthi bayawina emdlalweni wamanqamu kwiCAF Champions League ngoMgqibelo.

Phela lo mdlali wenze isethembiso esingephulwa ngalo mdlalo abazobhekana kuwo ne-Al Ahly yase-Egypt ngoMgqibelo eMorocco. UMashiane uthembise unina ukuthi uzombuyela nendondo abazobe sebeyilengisa endlini yakhe endaweni la izobonwa khona yiwo wonke umuntu.

“Ngaphambi kokuhamba eNingizimu Afrika, ngikhulume nomama ngamthembisa ukuthi ngizokhipha wonke amangwevu kulo mdlalo,” kusho lo mdlali wasesiswini. “Uvele uyaziqhenya ngami ukuthi ngiyodlala kowamanqamu emqhudelwaneni omkhulu kangaka.

“Kodwa ngimthembisile ukuthi ngizobuya nayo indebe. Kumele ngisifeze leso sethembiso,” kusho lo mdalli oneminyaka engu-23 odabuka eTembisa ngoLwesine ekuseni. Uveze nokuthi isikhathi abasichithe endleleni beya eMorocco sibakhathazile, kodwa kuzofika isikhathi somdlalo sebesesimweni esihle.

“SIfike lana (eMorocco) esikhathini esingeside esedlule. Isimo salana asifani nesisijwayele, kufudumele kakhulu lapha kuzodingeka sizame ukujwayela lokho. SIhambe kahle ukuthi nje kube yisikhathi eside futhi kusikhathazile.

“Besike sithi uma sifika kwesinye isikhumulo sezindiza sizule senzela ukulula imilenze ngemuva kokuhlala isikhathi eside endizeni,” kuchaza yena. UMashiane nozakwabo bazoziqeqesha ngoLwesine ntambama ukuqhubeka namalungiselelo omdlalo ongomkhulukazi emlandweni weqembu.

Kuzomele bazibambe ziqine ke ngoba njengoba bebheke isicoco sabo sokuqala seChampions League nje, i-Al AHly yona ifuna eseshumi okuyinto ezoyifaka emabhukwini omlando.

“Yilokho esikuzele lapha,” kusho uMashiane uma ebuzwa ngalo mdlalo. “Siwulungele kahle ikakhulukazi ngokomqondo. Lena yinto esiyisebenzele kanzima futhi manje njengoba sesize safika kuleli zinga, sesifuna ukubuyela ekhaya nendebe. Sithembise abantu abaningi ukuthi sizolanda indebe lapha.”

FUNDA NALA: U-Apkeyi unesilonda ngendebe yeChampions League afuna ukusipholisa

Yisikhathi esijabulisayo lesi kwiChiefs, kodwa kuyo yonke injabulo kushoda isinongo esisodwa qha – abalandeli. UMashiane uthi ukungabi bikho kwabo yinto ezokwenza kube nzima nokumele bazame ukumelana nayo.

“Siyawuzwa umoya wenjabulo ekhona… NGesikhathi sifika esikhumulweni sezindiza lapha bekuneqeqebana labantu abebezosemukela. Kodwa ukudlala umdlalo omkhulu kangaka kunebalandeli yinto okuzoba nzima ukuyemukela.

“Ukudlala ibhla kumnandi ngabalandeli ngoba benza kube nobumnandi nje enkundleni. Uma nihlasela bayamemeza banifake amandla. Noma niqeda kuwhlitha izimbangi ibhoola banishayela izandla banigqugquzele,” kusho uMashiane.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *