Umasipala awuyizwa eyokudayiswa kweMaritzburg

Umasipala awuyizwa eyokudayiswa kweMaritzburg
IHarry Gwala Stadium
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umasipala waseMgungundlovu, uMsunduzi Municipality awufisi ukuthi iMaritzburg United idayiswe futhi okwamanje ukuthatha njengamahemuhemu nje ukuthi leli qembu lisendalini.

Lokhu kuvezwe yiMeya yaseMsunduzi, uThebolla Mzimkhulu, ngomlomo kaZazi Nxele okunguyena okhulumela ihhovisi leMeya.

Ngesonto elidlule kuvele izindaba zokuthi iMaritzburg iyadayiswa okuyinto ayiqinisekisile usihlalo wayo, uFarook Kadodia. Umasipala uthi awukwazi wona lokho.

Funda la: Ubalekela ukungena izikweletu uKadodia odayisa iqembu https://bit.ly/3vLjfjC

Uma iTeam of Choice ingagcina idayiselwe kwesinye isifundazwe, noma kwelinye idolobha, kungasho ukuthi eMgundundlovu lizobe lingasekho iqembu elidlala kwiDStv Premiership kusukela ngesizini ezayo.

Ngokusho kukaKadodia, imbangela yokudayisa iMaritzburg ukuthi ayikho inzuzo abayenzayo kunalokho balokhu beqhubeka nokungena ezitweletini.

“Udaba lokuthi iMaritzburg United iyadayisa isengamahemuhemu okwamanje. Akukho okusashiwo yiMaritzburg kumasipala noma ehhovisi leMeya mayelana nalokhu.

“Ngakho, ngokwazi kwethu, iMaritzburg yiqembu elihamba phambili uma kukhulunywa ngokuhlanganisa abantu kuleli dolobha,” kusho uNxele.

“Njengoba uke ubone enkundleni (Harry Gwala Stadium) kuhlale kugcwele izinhlanga ezihlukene uma iqembu lidlala.

“Siyethemba ukuthi uma kudlula isimo seCorona esibhekene naso abalandeli bazobuyela ezinkundleni. Ngokomnotho kuyaye kuhambe kahle kakhulu uma kunemidlalo eza kuleli dolobha lethu.

“Sizoqhubeka nokunxenxa abantu ukuthi beseke iMaritzburg United. Kungaba yinto engeyinhle kakhulu uma iMaritzburg ingadayiswa ikakhulukazi uma izoya kwelinye idolobha.

“Kuzoshiya idolobha lethu lintula kanti nabalandeli abalithandayo kakhulu leli qembu bangaphoxeka kakhulu. Siyayeseka kakhulu iMaritzburg United, siyaziqonda izinselelo ebhekene nazo. Sibafisela okuhle kodwa kule sizini ezayo,” kuphetha uNxele.

Impempe.com ike yabika ngalolu daba ngesonto elidlule, futhi yakuveza ukuthi baningi abafonela uKadodia bebuza ngokudayiswa kweqembu. Ngokusho kukaKadodia bakhona nalabo abafona bebalisa ukuthi kungabaphatha kabi ukuthi lidayiswe iqembu

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.