UMasiyiwa uthi akayazi ngisho kwamadala eJudeni iSuperSport

UMasiyiwa uthi akayazi ngisho kwamadala eJudeni iSuperSport
Usomabhizinisi uStrive Masiyiwa obekuthiwa uthenga iSuperSport United
Sbongs Gumbi

Usozigidigidi waseZimbabwe uStrive Masiyiwa useveze ukuthi akayazi kwakuyazi iSuperSport United le obese kusabalele imibiko yokuthi uyayithenga.

Le mibiko isabalale kuleli ekuqaleni kweviki kanti ibajabulisile abanye abalandeli ngoba bethi uzofaka izindimbane zemali, leli qembu likwazi ukuncintisana neMamelodi Sundowns.

Nokho iSuperSport ikuchithile lokhu futhi isikhulu sayo uStanley Mathews ukhombise ukucasuka njengoba bekungekhona okokuqala kuthiwa leli qembu liyadayiswa.

UMasiyiwa ungene ekhasini lakhe kwiFacebook wabhala ngalokhu, ekuphika ethi yena ngeke angene ebholeni ngoba akazi lutho ngalo.

“Kulamaviki ambalwa edlule bekulokhu kubhalwa ngodaba olwaqalwa ngenye yezintatheli zaseNingizimu Afrika oluthi nginenhloso yokuthenga iqembu elibizwa ngeSuperSport united,” ubhale kanje uMasiyiwa.

“Ngenhlonipho enkulu eqenjini nakubalandeli balo, mina bengingakaze ngizwe nangalo leli qembu. Nginesiqiniseko bayiqembu elikhulu kodwa mina angikho emkhakheni webhola. 

“Angihambi ngicingana namaqembu engingawathenga. Ngisho ungangidayisela iqembu elikhulukazi emhlabeni ngo-$10, ngeke ngalithenga ngoba angikholelwa ekutheni umuntu athenge ibhizinisi angazi lutho ngalo. 

“Ezemidlalo ziyibhizinisi elikhulu njengawezokuxhumana noma izimayini; inkinga nje wukuthi mina angikho ebhizinisi lezemidlalo. Wonke umuntu uyakwazi lokho.”

FUNDA NALA: Umsubathi ubalisa ngobunzima bokubhalansisa imijaho yamabanga ahlukene

Ube esekhwela edilika, egxibha intatheli okuyiyo esuse lamampunge, ethi ihlulwe wukwenza umsebenzi olula wokubuzisisa ngaphambi kokubika ngalokhu. 

“Okungithusile futhi kwangidangalisa ukuthi intatheli ezhlonishwayo, engingeke ngiyisho ngegama ivele yazicabangela nje lolu daba yabe seyilubhala.

“Ayizange izihluphe ngokubheka ukuthi luyiqiniso yini ngoba lokho bekuzolubulala lolu daba olungamanga ayo.

“Kuyethusa lokhu futhi kuyihlazo emsebenzini obalulekile wobuntatheli,” kucacisa le njinga ngalolu daba lwayo neSuperSport.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.