UMatlaba usecele ukushiya kwiSwallows angaseneme kuyo

UMatlaba usecele ukushiya kwiSwallows angaseneme kuyo
UThabo Matlaba
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter

UThabo Matlaba usecele ukuba akhululwe kwinkontileka neSwallows FC. Lokhu kuvezwe ngeminye yemithombo yeMpempe ngoMsombuluko ekuseni.

Uma egcina ngokuhamba, uMatlaba uzobe elandela uVuyo Mere oshiye ngasekuqaleni kukaJanuwari kuleli qembu laseSoweto.

Ngemuva kokuhamba kukaMere kwavela ukuthi wazibangela igazi elibi eqenjini ngokuzama ukulwela amalungelo abadlali.

Kuthiwa kwakunemithetho iqembu elalifuna abadlali bazibophezele kuyo kodwa uMere nabanye abadlali asebekhulile bayibona icindezela.

Wabe esenxenxa abadlali ukuthi bangavumi. Yikho ke lokhu okwamdalela amazinyo abushelelezi kwaphetha ngokuthi aqondiswe izigwegwe.

Watholwa enecala wabe esexoshwa kodwa wathi uzosifakela inselelo leso sinqumo. Nokho wabuye wavuma ukushiya kwazise ubesethole ikhaya elisha kwiTS Galaxy.

NoMatlaba kuthiwa esifanayo ngoba kunezinto ezingamphethe kahle esezenze wagcina ngokucela ukukhululwa ayozama kwenye indawo.

FUNDA NALA: UJabu “Pule” Mahlangu ufunwa amaphoyisa 

“Baningi abadlali abangeneme laphaya. Sekuke kwavela nokuthi kungenzeka bacelwe ukuba bavume ukwehliselwa imiholo okuyinto engelula ukuthi bayamukele.

“Phela laba bantu banemindeni abayondlayo ngakho uma uzophazamisa imiholo yabo ngeke kuze kwehle kahle lokho kubo,” kusho lo mthombo.

Impempe ithole ukuthi iSwallows isasicubungula isicelo sikaMatlaba. Uma siphumelela, futhi ekhululwa lingakavalwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoMsombuluko, uzobe esekhululekile ukujoyina iqembu alifisayo.

Lokhu engakwenza oma selivaliwe iwindi ngoba uzobe enganankontileka ndawo. Iwindi lizovalwa ngoMsombuluko kusihlwa.

Impempe isithole nokuthi iRoyal AM ingase igxume imthathe uMatlaba uma esekhululekile kwazise isike yabuza ngaye ngenhloso yokuzama ukuba aze kuyo. 

Emai: editor@impempe.com | Facebook: Impempe SA | Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.