UMaxase wethembisa ukufukula ezemidlalo eMgungundlovu

UMaxase wethembisa ukufukula ezemidlalo eMgungundlovu
UMhlengi Maxase noNomvelo Shezi
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Sithunyelwe

Uma kuthiwa ukuwa kwenye indlu wukuvuka kwenye kusuke kukhulunywa ngoMhlengi Maxase oqokelwe ukuba ngusihlalo omusha weMgundlovu Sports Confederations.

UMaxase utshele Impempe ukuthi kumenze wazizwa ethobekile ukuqokelwa kwakhe kulesi sikhundla ekubeni ubesanda kwehla kwesinye esedliwe yivoti.

“Ngithobeke inhliziyo yami ngokuthi ngethenjwa yizinhlangano ezehlukene ngokuthi ngihole le nhlangano,” kusho uMaxase.

Ube esesilandisa ngakho konke afisa ukuthi lenhlangano ikuzuze ngesikhathi izobe iholwa nguye.

“Ngifuna ukusho ukuthi sinomsebenzi omkhulu kakhulu wokuthuthukisa ezemidlalo eMgungundlovu namaphethelo.

“Sizofuna ukusebenzisana okuhle nomasipala abangaphansi kwesifunda soMgungundlovu, siphinde sisebenzisane kahle neminyango emibili – owezemidlalo nowezemfundo.

“SIzibekele umgomo wokukhiqiza abadlali noma abane abazosimela kumaCommonwealth Games.

“Kumele ngiphinde ngikucacise ukuthi sifuna ukuqeda ukuchanasa kweTheku kumaSalga Games.

“Lokho angikungabazi ngoba likhona ikhono lapha emgungundlovu sifuna ukulicija kahle. Sifuna ukukhipha ompetha esibhakeleni.

FUNDA NALA: Amawele asemancane ancibikilise izinhliziyo egijima engacathulele

“Sikhuphule abadlali bakanobhutshuzwayo abazodlala kwiDStv Premiership, bangene emaqenjini asezigabeni ezikhokhelayo kwikhilikithi nebhola lombhoxo.

“Sinenselelo yokuthi abasubathi bakwazi ukusebenzisa inkundla yezokusubatha yeqophelo eliphezulu ekhona eMgungundlovu edolobheni,” kuchaza uMaxase.

Ukhuluma kanjena nje uMaxase wakhala ngaphansi okhethweni lweSanabo njengoba esevuke ngalesi sikhundla nje. UMaxase ungumzala kaThabiso “The Rock Mchunu” ongumshayisibhakela ohlonishwayo kanjalo noNomvelo Magcaba Shezi ongumhleli wezimpi zesibhakela okhula ngamandla.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.