UMayo ungene waKhanyisa izindlela zeCity ishaya i-Arrows

UMayo ungene waKhanyisa izindlela zeCity ishaya i-Arrows
OkaDonga Gumbi

ICape Town City iqede ibhadi lokungawini ngeGolden Arrows iyishayela ekhaya ePrincess Magogo Stadium KwaMashu ngo 1-0 ngeSonto ntambama.

ICity beyize kulo mdlalo ikudinga ukujika izinto njengoba beyingakawini emidlalweni yayo emibili kusukela kubuywe ekhefini yize beyidlala kahle ikhombisa ukuhlangana.

Yaqale yajuqwa yiRoyal AM iyiwashisa ijezi ekuseni kwiNedbank Cup kanti ngoLwesithathu ihubhisane utalagu neKaizer Chiefs baze bagcina bebukana.

Lo mphumela uzobuyisa ukuzethemba kuleli qembu lika-Eric Tinkler ikakhulukazi njengoba le wini ibabuyisele emaqenjini ayisishiyagalombili ephezulu kwilogi yeDStv Premiership.

Igoli leCity lize laqhamuka seliya ngomutsha wendoda kanti lishaywe nguKhanyisa Mayo obesuka ebhentshini ngomzuzu ka-77.

FUNDA NALA: Usale edangele uKerr iSwallows idutshulwa yiRockets

Lo mfanyana oneminyaka engu-23 oyindodana kaPatrick Mayo wodumo kwiChiefs ushaye elihel ibhola kade libekwe phansi ngaphandle kancane kwebhokisi le-Arrows, lamudla uNkosingiphile Gumede.

Ne-Arrows beyiye kulo mdlalo inesimo esifanayo neseCity njengoba nayo yakhishwa kwiNedbank Cup yaphinde yadlala ngokulingana ne-Orlando Pirates koweligi.

Ukwehlulwa kwayo kuyishiye endaweni yeshumi kwilogi njengoba inamaphuzu angu-22 ngemuva kwemidlalo engu-18.

Isimo sayo asigwinyisi mathe nokho njengoba ingaqhelile kakhulu emaqenjini asezembeni. Empeleni nje ihlukaniswe amaphuzu ayisikhombisa neSwallows esendaweni ka-15.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.