Akuveli nelilodwa izinyo kuMazinyo ngokudedela igoli ekugcineni koweNedbank

U-Ernst Middendorp
Sihle Ndlovu

Ukhale ngokungabi yimiqemane kwabadlali bakhe umqeqeshi weMaritzburg United, u-Ernst “Mazinyo” Middendorp, ngemuva kokuthi bekhishwe yiSuperSport United kwiNedbank Cup Last 32 ngoLwesithathu.

Kulo mdlalo iMaritzburg idedele igoli ekugcineni, ngomzuzu ka-89, nelishaywe u-Iqraam Rayners, kwaphela kanjalo ngeTeam of Choice. Umdlalo bese kubukeka sengathi uzoya esikhathini esengeziwe eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

“Umdlalo lapho kuvele khona ukuthi sekunesikhathi sagcina ukudlala, njengoba umdlalo wethu esigcine siwudlalile ubungoDisemba 22,” kusho uMiddendorp ngemuva komdlalo.

“Besinabadlali ababeqala ukudlala eqenjini lethu. Ukuzinikela ngenelekisile ngakho kodwa uyabona ukuthi akukaqondi konke kahle ngendlela engifisa ngayo.

“Ngenxa yezinguquko ezisanda kuba khona eqenjini kufanele sibe nesineke. Nokho ngaphandle kwalokho indlela esidedela ngayo igoli ayemukelekile nakancane.

“Asikho isidingo sokulahla ibhola kalula ngasekugcineni komdlalo. Kuyaphoxa ukuthi sishayiwe ngenxa yomuntu ebesilokhu sikhuluma ngaye njalo. Kumele sizinikele ngendlela engcono.”

Kubadlali abaqale umdlalo kwiTeam of Choice bekukhona uLucky Baloyi noTawanda Macheke, bobabili abebeqala ukudlalela iqembu.

Asikho isikhathi sokuba nesineke kakhulu kwiTeam of Choice njengoba kubuya imidlalo yeDStv Premiership. Ngebhadi layi izophinde ibhekane neSuperSport United enkundleni efanayo ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

IMaritzburg iyibambe endaweni ka-13 kwilogi yePremiership nokuyenza ukuthi ingaphephi nakancane ezembeni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *