UMazinyo neTeam Choice abasavezelani nelilodwa izinyo

U-Ernst Middendorp
Sihle Ndlovu

Kuphelile obekuhlanganise obengumqeqeshi weMaritzburg United, u-Ernst “Mazinyo” Middendorp, naleli qembu laseMphithi.

Kuthiwa iqembu livumelene nalo mqeqeshi ukuthi zihlukane izindlela ngokuthula. Lokhu kuyamangaza kakhulu njengoba iTeam of Choice isanda kuchitha inqwaba yabadlali, okuyizinguquko obekukholakala ukuthi zenziwa umqeqeshi.

Bayisishiyagalombili abadlali abakhonjwe indlela kwiMaritzburg ngesonto elidlule. Lokhu bekubukeka kuyindlela yokulungiselela isizini ezayo kanti bekungalindelekile ukuthi umqeqeshi akhonjwe indlela.

Ngokusho kweDiski Times, lo mqeqeshi ukuqinisekisile ngamafuphi ukuthi akasahlangeni neTeam of Choice, yize iqembu lingakasikhiphi isitatimende.

“Angisahlangene neMaritzburg United,” kusho uMiddendorp kwiDiski Times.

Ukuhamba kukaMiddendorp kuqubula izinsolo zokuthi uFadlu Davids angase abuyele kwiTeam of Choice. UDavids uchithwe yi-Orlando Pirates abeyiphini kuyona, ngesonto eledlule.

Lo mqeqeshi uhlale isikhathi eside kwiTeam of Choice ngaphambi kokuthi ahlwithwe yiBucs eyosiza uJosef Zinnbauer.

IMaritzburg iqede kunombolo 12 kwilogi yeDStv Premiership, kanti ibibalwa namaqembu abevika izembe ngasekugcineni kwemidlalo yeligi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.