UMazinyo ufuna baqinise iTeam of Choice ngabadlali abasha

U-Ernst Middendorp
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weMaritzburg United, u-Ernst  “Mazinyo” Middendorp, uthi kumele baqinise iqembu labo ukuze bangazitholi bevika izembe ngesizini ezayo.

UMazinyo usho lokhu ngemuva kokuthi beshaye iBaroka FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eHarry Gwala Stadium, ngoMgqibelo. Lokhu kuqinisekise ukuthi iBaroka ishona ehlathini.

“Uma ubuka besidlala ngabadlali abafanayo cisho kuyona yonke imidlalo. Kumele sithole abadlali abayisithupha noma abayisikhombisa,” kusho uMiddendorp.

“Kufanele sizame ukujwayela ukugcina abadlali isikhathi eside kunalokhu okwenzeka manje. Kudingeka bajwayele ukudlala ndawonye isikhathi eside.”

Lo mqeqeshi uvumile ukuthi bakhona abadlali abasemqondweni wakhe afuna beze eqenjini ngesizini ezayo.

“Siyabuka ngapha nangapha zonke izinsuku, abadlali esingase siqinise ngabo iqembu. Sethemba ukuthi abaphathi bazosisiza ukuthi sifeze lokho.”

ITeam of Choice isasalelwe umdlalo owodwa weligi ezowudlala ne-Orlando Pirates, e-Orlando Stadium, ngoLwesibili. UMiddendorp wethemba ukuthi bazokwazi ukuwina lo mdlalo bazithole beqeda endaweni engcono kwilogi yePremiership.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.