UMazinyo ujabule ngokubuya nephuzu bebhekene noSuthu

Mthokozisi Mncuseni

KUTHE cosololo kumqeqeshi weMaritzburg United, u-Ernst “Mazinyo” Middendorp, ebuya nephuzu kuMaZulu awachaze njengelinye lamaqembu anzima kunawo wonke kwiDStv Championship ngeSonto, eJonnson Kings Park, eThekwini.

Usuthu neTeam of Choice bashayane baze babukana kowabakhaya ngeSonto kodwa uMiddendorp akanankinga ngaleli phuzu ikakhulukazi njengoba liphelezelwe ukungangenelwa yigoli.

UMiddendorp ubuye nesikimu esifana ncamashi nalesi ashaye ngaso iKaizer Chiefs ngeledlule, kwathi uBenni McCarthy wamukela uLuvuyo Memela, Lehlohonolo Majoro noTsepo Masilela abebengekho ngokwedlule.

“Sibuyela emuva nephuzu elimqoka. Kubalulekile ukuthi sikucacise ukuthi unozinti wethu (Jethren Barr) usiwinele leli phuzu. Okusemqoka kakhulu kithina ukuthi sizazi ukuthi sikuphi ne-log. Okwamanje siyaphempa,” kusho uMiddendorp.

Indlela adlale kahle ngayo uBarr bekumfanele ukuqokwa njengomdlali ovelele kwazise AmaZulu abenganqoba nango 3-0 lapha ukube lo nozinti ubengekho kule fomu abekuyona.

Ngokwalo mqeqeshi iphuzu limqoka ngale ndlela yokuthi ngisho induku ubezoyamukela kwazise uyalwazi Usuthu ukuthi luqine kangakanani, kanti naye asiside isikhathi ewuqalile lo msebenzi waseMphithi.

“Kusenzima kithina sonke. Ngisho abanye abadlali basathwele kanzima ngenxa yokuthi sekufike omunye uqeqeshi.

“Ngalokho angisho ukuthi sekufanele siye emakethe siyothenga abadlali ngoba vele abekho ongabathola manje bafike bakwenzele umehluko ngokushesha enkundleni.

“Ngikhombisa ukuthi anginankinga kangakanani nokubuya nephuzu eqenjini eliqine cishe kunawo wonke kwiligi uma uzobheka abagadli nje kuphela,” kusho uMiddendorp.

Phakathi kwabagadli uBenni nephini lakhe uSiyabonga “Bhele” Nomvete abagabe ngabo singabala uBonginkosi Ntuli, Augustine Mulenga, Siphelele Mthembu noMemela.

“Okusemqoka kithina okwamanje ukuvala umpompi wamagoli esaziwa ngawo. Ngizolala ubuthongo obude ngenxa yaleli phuzu ngoba liphelezelwa ukungangenelwa amagoli. Isiqalo sokuya empumelelweni ukungadedeli emuva,” kusho lo mqeqeshi obezwakala ejabule (kanti udume ngokuzibumba).

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.