UMazinyo weneme ngephuzu kodwa uphoxekile ngonozinti wakhe

Lumdle kanje igoli uMarcel Engelhardt
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weMaritzburg United, u-Ernst “Mazinyo” Middendorp, ujabulela iphuzu abalitholile bebhekene neSekhukhune United, yize beqale umdlalo ngokwenza iphutha.

ITeam of Choice ibambane ngo 1-1 neSekhukhune e-Ellis Park Stadium, emdlalweni weDStv Premiership, ngoLwesithathu. Iwuqale ngebatha lo mdlalo njengoba unozinti wayo, uMarcel Engelhardt, edelele igoli elilula ngomzuzu wesibili.

“Ngebhadi sizithole sesilandela ngemuva ngo 1-0 ngomzuzu wesibili, ngenxa yephutha likanozinti wethu, uMarcel,” kusho uMiddendorp.

“Nokho konke kumayelana nokugcina iqembu lidlala kahle. Sidlale kahle umzuzu nomzuzu futhi bekusifanele ukuthi sishaye igoli lokulinganisa ngesiwombe sokuqala.”

Igoli elenze iTeam of Choice yabuyela emdlalweni lishaywe uKeegan Ritchie ngaphambi kokuthi ziye ekhefini.

“Ekuqaleni kwesiwombe sesibili besinezinkinga, singakwazi ukugcina ibhola. Kodwa abazange balishaye igoli futhi sizamile ukubavimba kangcono,” kusho uMiddendorp.

“Ekugcineni kumele sizehlise. Ngicabanga ukuthi lisifanele leli phuzu, futhi libaluleke kakhulu njengoba silithole ekuhambeni.”

IMaritzburg kuzomele izame ukuthola amaphuzu aphelele emdlalweni ozayo ngoba ayikaphephi ezembeni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.