UMbambo udle umjaho eqala ukugijima ibanga elide

UMbambo udle umjaho eqala ukugijima ibanga elide
UThokozani Mbambo
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Ubeqala ngqa ukugijima i-42km uThokozani Mbambo odle umhlanganiso kwiJosiah Gumede Marathon eBergville, ngaphansi kwamasipala Ukhahlamba ngoMgqibelo.

UMbambo ubelokhu ehambisana noMalibongwe Dlamini behola lo mjaho.

UDlamini ugcine ephume isibili kulo mjaho, kanti kuvela ukuthi uyena obekhuthaza uMbambo ukuthi angasali futhi angalokhu ebheka emuva.

“Umjaho ubunzima. Nale ndoda ebengihamba nayo indala kunami, ibilokhu ingitshela ukuthi ngemuva kwethu kunezindadavu zodwa,” kusho uMbambo.

“Iyona le ndoda (uDlamini) ebilokhu ingigqugquzela ithi asihambe baba, laba abangemuva bayeza kodwa bazokhathala ngoba yizindadavu.

“Bekumnandi, umdlalo wethu bewumuhle kakhulu,” kuqhuba yena.

UMbambo uthe kwehle kamnandi kakhulu kuyena ukuthi agcine edle umhlanganiso kulo mjaho.

“Ngizizwa ngijabulile kakhulu ngoba lona u-42 wami wokuqala empilweni yami.

“Ngibonile ukuthi ngizomdlula uDlamini ngesikhathi elokhu eya phambili engiqalaza.

“Ngithe angihlale ezithendeni zakhe ngingamyeki ngoba bese ngibona ukuthi amandla asephelile.

“Ngike ngazama ukumshiya sesiko 40km kodwa ngabona ukuthi usenamandla ngizolimala uma ngishesha ngigqashula.”

FUNDA NALA: U-Ekstein ufuna AmaZulu aqale ukubhakuzisa inethi

Uthe ubebheke ukwenza isikhathi esingu-2.20 kodwa uzowamukele u-2.24 awushayile.

UDlamini uthe akazisoli ngokukhuthaza uMbambo endleleni yize egcine edla umhlanganiso.

“Ngithe angimkhuthaze ngoba ngiyambona ufithi kunami.

“Ngithi ake ngimakhe ngoba ngiyabona usengumfana omncane osafika ekugijimeni.

“Ngakho bengithi asibambisane naye ukuze afunde okuthile kithina esesithanda ukuba badala ekugijimeni,” kusho uDlamini.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.