UMBANGO: AmaZulu awafuni ukusunduzwa yiPirates kwiligi

ULehlohonolo Majoro
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Instagram

Kusezandleni zabadlali baMaZulu FC ukuqinisekisa ukuthi iqembu aligudluki endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership, lapho lihleli khona. Usuthu ludlale kahle kule sizini ka-2020/2021 futhi yilona obelulokhu luphusha iMamelodi Sundowns ekudleni isicoco seligi.

Emidlalweni emithathu esele AmaZulu adinga ukuwina okungasenani emibili

ukuze aqinisekise ukuthi aqeda endaweni yesibili okuyinto engakaze yenzeke emlandweni waleli qembu selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL).

Leli qembu laseThekwini lizobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni weligi okulindeleke ukuthi ushube e-Orlando Stadium, ngoLwesine, ngo-5 ntambama. I-Bucs abazobhekana nayo ingakwazi ukuqeda isizini inamaphuzu angu-55 uma ingayiwina yonke imidlalo emine esele.

Ukuwina koSuthu kwiPirates kungasho ukuthi seluqinisekisile ukuthi luyabambelela endaweni yesibili ngoba yiBucs ebukeka ingaluphazamisa.

Umgadli woSuthu uLehlohonolo “Major” Majoro, ugcizelele ukuthi lo mdlalo ubaluleke kakhulu kubo njenogba befuna ukuqeda isizini beqophe umlando ngamaphuzu abazobe bewaqoqile.

“Amalungiselelo alo mdlalo (weBucs) ahamba kahle kakhulu, okumele sikwenze ukuthi sivuke sizithathe ngemuva kokushaywa yiBaroka, sibuye sawina. Kuzosisiza kakhulu ukuthola amaphuzu amathathu ngoba laba ngabantu esisemjahweni ofanayo nabo. Ukuwina kuzofana nokuthi sithole amaphuzu ayisithupha,” kusho uMajoro.

IPirates abazobhekana nayo ibuya esibhaxwini sika 4-0 esithole kwiRaja Casablancha emdlalweni weCAF Confederation Cup ngempelasonto. Lokhu kuholele ekutheni iwashiswe ijezi kulo mqhudelwano njengoba kugcine kungu 5-1 sekuhlanganiswe imilenze emibili.

“Umdlali uyazi ukuthi ukalwa ngomdlalo wakhe odlule asuke egcine ukuwudlala. Uma ubheka abadlali esinabo eqenjini, akekho onesiqiniseko sokuthi uzodlala. Ngakho uma unikwa ithuba kumele uhlale uzama ukwenza kangcono ukusiza iqembu.

“Ngikholwa ukuthi sisendleleni yokuqopha umlando wethu njengabadlali baMaZulu ngokuqoqa amaphuzu amaningi kunawo wonke emlandweni weqembu kwiligi. Singathanda ukuthi sikwelule lokho, siqede endaweni enhle,” kuphetha uMajoro.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.