Umbango wabagadli uzolusiza kakhulu Usuthu – Majoro

Umgadli waMaZulu FC, uLehlohonolo Majoro akanankinga nombango wejezi

MTHOKOZISI MNCUSENI

Uqweqwe lomgadli waMaZulu FC, uLehlohonolo “Major” Majoro lukitazwa yindlela uBenni McCarthy azididiyele ngayo kubadlali baleli qembu baphambili kanjalo nalaba abadlala esiswini.

Ushisa phansi umbango wejezi kubagadli Osuthwini uma uzokhumbula ukuthi uMajoro ongadinge kuchazwa ebholeni uvamise ukuqhamuka ebhentshini muva nje.

Imbangela yalokhu ukuthi abagadli abahlanganisa oBonginkosi Ntuli obewathwele yedwa AmaZulu engakalimali, Augustine Mulenga ofike kuleli evutha engabaselwe kwi-Orlando Pirates noSiphelele Mthembu owake wabangwa yiPirates neKaizer Chiefs bonke bafuna ukuqala imidlalo.

Esiswininkhona kukhona nabadlali abafana noSiyethemba Sithebe noLuvuyo Memela, Talent Chawapiwa, Siphelele Magubane noSiphesihle Maduna bonke asebesiphakamisile isandla kuMcCarthy bamkhombisa ukuthi angathembela nakubona ngamagoli.

Ngenxa yazo zonke lezi zizathu, uMajoro akagcini nje kuphela ngokukitazeka kodwa uhlabeke umxhwele ngendlela umqeqeshi wakhe azithake ngayo.

“Uma uzobuka kahle cishe sonke esidlala phambili sinalo igoli kumbe amagoli kule sizini. Kukhona nabadlala esisiwini kodwa asebesitakule kaningi kule sizini.

“Konke lokhu kukhomba ukuthi yinhloboni yenqanawe ebunjwa la. Umqeqeshi unenkululeko yokwazi ukuthi angasebenzisa noma ngubani nganoma isiphi isikhathi.

“Umbango wejezi iwona ongishaya ngaphakathi kakhulu ngoba wenza wonke umuntu ame manzonzwane,” usho kanje uMajoro ehleka kucaca ukuthi iyamchaza le ndaba yombango wesikimu.

“Abadlali bakhiwa kumbe babulawe umbango wejezi ngakho ngineme ngeqembu lami futhi ngiyamjabulela nomqeqeshi wami ngekhanda elimphatha njalo uma kuzofanele abophele isikimu.

“Kumnandi kakhulu ngoba umbango wejezi uphakathi kwabantu asebenesipiliyoni okwenza sonke sazi ukuthi ukusebenza ngokuzimisela ejimini yikhona kuphela okuzokwenza umqeqeshi akukhumbule ngaso sonke isikhathi uma esehlelela imidlalo.

“Ngalaba badlali abakhona la (kubagadli) ngikholelwa ekutheni kukhona okukhulu esizokwenza kule sizini.

“Akubona futhi abagadli kuphela okubhekwe kubona amagoli njengoba kukhona izitobha zethu ezilokhu ziziveze njalo ukuthi singathembela nakuzona ngamagoli amqoka,” kusonga lo mgadli oseke wadlalela iChiefs nePirates.

Laphancishe ubeqonde uThapelo Xoki odlala emuva kodwa osanda kushaya amagoli amabili behlula iBloemfontein Celtic emdlalweni weligi. Elinye lalawo magoli laba lihle ngendlela yokuthi libhekiwe uma sekuqokwa amagoli enyanga kaFebhuwari.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

2 thoughts on “Umbango wabagadli uzolusiza kakhulu Usuthu – Majoro”

  1. Hi there, I do believe your web site could be having web browser compatibility issues. When I take a look at your web site in Safari, it looks fine however, if opening in I. E., it has some overlapping issues. I merely wanted to provide you with a quick heads up! Other than that, fantastic blog!| Jolynn Adair Mintun

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *