UMbappe ukhombise unya enqumela iBafana ogodweni

UMbappe ukhombise unya enqumela iBafana ogodweni
OkaDonga Gumbi

Bekungathi unenxa neBafana Bafana uKylian Mbappe ngendlela abezimisele ngayo ngokunqumela iBafana Bafana ogodweni emdlalweni wesihle neFrance ngoLwesibili kusihlwa.

UMbappe bekungathi imnukela kabi iBafana njengoba kunguye obelwa cishe kunabo bonke abadlai beFrance, ewafuna la amagoli yize bekucacile ukuthi elakuleli liyizimvu zomhlatshelo kulo mdlalo.

Lo mgadli weParis St Germanin ugcine eshaye amagoli amabili ngesikhathi iFrance ishaya iBafana ngo 5-0 kulo mdlao obuseLille.

Kucace zisuka ukuthi iBafana izowuthwala uthayela emoyeni njengoba iFrance beyizenzela nje ishintsha izinhlangothi ehlasela kuzo.

Ngomzuzu wesithupha u-Olivier Giroud ubethi uyaqeda ngiRonwen Williams ekhahlela engaphakathi ebhokisini le Bafana kodwa wenqaba no nozinti elichithela phezulu ibhola lakhe.

Igoli ligcine liqhamukile ngomzuzu ka-23 uKylian Mbappe eshaya elihle engaphandle kancane kwebhokisi leBafana njengoba belibele ukumgada abadlali basemuva.

Ibhola limfice eyedwa, wakwazi ukulipholisa kahle wabe eselibeka sakuligoba layokhalakathela enethini, wasala enwebeza ezama ukulilandela uWilliams.

FUNDA NALA: Abalandeli beChiefs bafuna ukuxoxa noBaxter bukhoma enkundleni

Emizuzwini eyishumi ukusuka lapho iFrance ibisihamba phambili ngo 2-0 njengoba uGiroud naye eyekeliwe wathola ibhola eyedwa ebhokisini leBafana walinamathisela enethini.

Nasesiwombeni sesibili bekuseyiFrance nje ezenzela umathanda futhi ngomzuzu ka-52 uMbappe ucishe wathola igoli lesithathu.

Igoli lesithathu liqhamuke sekusele imizuzuengu-15 kuphele umdlalo nokube yiphenathi. Idaleke ngesikhathi uSiyanda Xulu ewisa uMbappe ebhokisini.

Kusukume yena lo mgadli obebukeka ezimisele ngokuyinqumela ogodweni iBafana, wayinamathisela enethini.

Igoli lesine lingene ngomzuzu ka-82 lishaywa uBen Yadder ngemuva komunye weminyakazo emihle yeFrance ebizigelezela kalula nje.

UKhuliso Mudau akaqedanga nemizuzu engu-20 engenile kulo mdlalo wakhishwa ngekhadi elibombu ngemuva kokudlala kabi kungenasidingo ngoba vele amanzi abesengenile endlini.

Elesihlanu igoli lingene umdlalo sewuphelile njengoba bese kusesikhathini esengeziwe ngunompempe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.