UMbatha weTS Galaxy usehubha irekhodi likaNomvete noShoes

UMbatha weTS Galaxy usehubha irekhodi likaNomvete noShoes
ULindokuhle Mbatha
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ULindokuhle Mbatha weTS Galaxy uthi ufisa ukudlala ibhola aze abe neminyaka engu-40 njengoba kwenze uSiyabonga “Bhele” Nomvete noJohn “Shoes” Moshoeu ongasekho.

UMbatha ungomunye wabadlali asebekhulile impela kwiDStv Premiership njengoba eneminyaka engu-36. Nokho usayibamba kahle futhi ngeke usho ukuthi usekhulile uma esegijima enkundleni.

“Kuzoya ngokuthi izinyawo zisavuma yini ukungiphatha ukuze ngikwazi ukugijima. Ukuthi mhlawumbe nami ngingakwazi yini ukufinyelela lapho kwafika khona oShoes noNomvete,” kusho uMbatha.

“Nami ngiyafisa kodwa kuzoba yizinyawo ezizocacisa ukuthi zingithatha zingibeka kuphi. Uma zingibeka lapho nami ngiyobonga kakhulu.

“Kodwake akulula, nalapha ngikhona njengamanje abadlali abaningi abafiki. Ngineminyake engu-36 njengamanje, akulula ukufika lapha.

“Ngibonga uNkulunkulu ngoba uyena owaziyo. Lapho ngifinyelela khona nami ngiyobonga,” kuchaza uMbatha. IGalaxy ivale isizini edlule ngokudlala neKaizer Chiefs eyishaye ngo 1-0.

Lokhu kwenze ukuthi leli qembu (iGalaxy) liphuthwe yiTop 8 kancane. La maqembu azophinde abhekane emdlalweni wokuvula isizini ka-2021/22.

FUNDA NALA: Liqguqguzela ukongiwa kwemvelo ijezi elisha leChiefs 

“Kumele siye kulo mdlalo sizimisele. Bathola ithuba elilodwa bashaya igoli emdlalweni odlule, thina sathola amathuba amaningi kodwa asizange senze lutho.

“Kodwa ngiyethembake ukuthi safunda, kwaba yisifundo lokhu. Kumele uma sesibhekene nabo futhi, sishaye amagoli uma sithola amathuba ngoba kungenzeka noma yini emdlalweni webhola,” kusho uMbatha.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.