UMbazo akawuvali umlomo ngabadlali beCape Town City

Sihle Ndlovu

U-Aaron “Mbazo” Mokoena, osanda kuqashwa njengephini lomqeqeshi kwiCape Town City, uncoma ubisi lwabadlali alufice kuleli qembu laseKapa eligijima kwiDStv Premiership.

UMokoena, ogcine ukubonakala enkundleni edlalela iBidvest Wits (engasekho), uzobonakala okokuqala ebhentshini uma iThe Citizines isibhekene neTshakhuma FC kowePremiership, eThohoyandou Stadium, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.

“Okokuqala engifuna ukukwenza ukuzinza eqenjini bese ngikwazi ukunikezela ngamava enginawo. Yisendaweni enhle kakhulu lapho ngikhona, futhi ngikhethe iqembu elihle kakhulu. Uma kukhulunywa ngabadlali nginenhlanhla enkulu ukuthi ngifike eqenjini elinabadlali abasezingeni eliphezulu. Laba badlali bazi kahle ukuthi kulindelekeni kubona,” kusho uMokoena ekhuluma kwi-ENCA.

“Iqembu linomqeqeshi omuhle futhi, uJan Olde Riekerienk, kanti njengoba ngishilo abadlali bayazimisela kakhulu futhi bayakwazi ukudlala. Ngokwami lona akuzuba umsebenzi onzima kakhulu kodwa ngiyazi ukuthi amava enginawo azokwenza umehluko omkhulu. Okunye engifunayo ukuthi ngizimisele ngokukhula kule ndima yokuqeqesha. Leli yithuba elihle engikade ngalilindela. Ngethemba ukuthi amava enginawo azokwenza lukhulu.”

UMokoena (40) ungomunye wabadlali abambalwa baseNingizimu Afrika abazenzele igama kwi-English Premier League eminyakeni ehlule. Udlalele iBlackburn Rovers nePortsmouth e-England. KwiBafana Bafana uyena namanje osahamba phambili ngokugqoka imibala yeqembu lesizwe izikhawu eziningi kunabo bonke abadlali.