UMbazo uqashwe njengephini lomqeqeshi weCape Town City

Sihle Ndlovu

Owayengukaputeni weBafana Bafana, u-Aaron “Mbazo” Mokoena, useqokwe njengephini lomqeqeshi kwiCape Town City, egijima kwiDStv Premiership.

UMokoena, oneminyaka engu-40, uwagaxe emgibeni amakhokho akhe ngemuva kokuthi xhinti kwiBidvest Wits, okuyiqembu eligcine lishabalele ngesizini edlule. Uzovala isikhala esivuleke ngokuhamba kukaVasili Manousakis, okhonjwa kuMaZulu FC. UManousakis kuthiwa ulandwe uBenni McCarthy ukuthi azoba yiphini lakhe.

UMokoena uyena umdlali odlalele iBafana amahlandla amaningi kunabo bonke abadlali asebeke bagqoka imibala yeqembu lesizwe. Udlale imidlalo engu-107.

Ngaphandle kwalokho ungomunye wabadlali baseNingizimu Afrika abadlalele amaqembu ahlonishwayo phesheya kwezilwandle. Udlalele i-Ajax Amsterdam yaseHolland, KRC Genk yaseBelgium, Portsmouth neBlackburn Rovers, okungamaqembu ase-England.

Ugcine ukubonakala kwiWits ngo-2013 nokuyilapho enqume khona ukuthi khumu ebholeni.

ICape Town City izobhekana neSwallows FC emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili, eVolksvagen Dobsonville Stadium. Leli qembu laseKapa ligcine liqumbe phansi iTS ngo 3-2 emdlalweni weligi ngoDisemba 19.