UMbesuma uncoma uPeter Shalulile, akanandaba nerekhodi lakhe

UMbesuma uncoma uPeter Shalulile, akanandaba nerekhodi lakhe
UPeter Shalulile weMamelodi Sundowns
OkaDonga Gumbi

UCollins Mbesuma uthi yena uchazwa wukuthi uPeter Shalulile uyayishaya inethi futhi akandendaba nokuthi angase aphule irekhodi lakhe eselihlale iminyakanyaka.

UMbesuma nguye owashaya amagoli amaningi kwiligi yakuleli kusukela yaba ngaphansi kwePSL ngesikhathi eqobela enethini angu-25 ngesizini ka-2004/05 edlala kwiKaizer Chiefs.

Nokho uShalulile ubonakala ehubha utalagu njengoba esashaye angu-22 ekubeni sekusele umdlalo owodwa okumele ashaye kuwo amane ukuze aphule leli rekhodi.

“Ngiyabathanda abagadli ababhakuzisa inethi mina futhi ushalulile asemane amasizini enza kahle kwiPSL,” usho kanje uNtofontofo kwabeLimpopo Sports Zone.

“Ngicabanga ukuthi engalephula irekhodi lami uma ngibheka indlela iSundowns edlala ngayo nendlela yena asefomini enhle ngayo.

“Ngafika nami ngaphula irekhodi elalikhona, ngaqopha elisha, kuyofika nomunye umdlalo aliphule. Lokho akunankinga,” kwengeza yena.

UMbesuma umazi kangcono uShalulile njengoba bake badlala bonke kwiHighlands Park phambilini isakwiGladAfrica Championship.

“Ngimfisela okuhle futhi ngiyamazi uPeter ngoba ngidlale naye kwiHighlands Park. Ungumuntu ozithobile futhi osebenza ngokuzikhandla.

“Sasisala naye uma sekuqediwe ukujima, sizicije sobabili ekukhahleleleni ipali. Ungumuntu ongenankinga futhi ovulelekile ukuthi umbonise.

“Akungithusi lokhu akwenzayo ngoba ungumuntu ozinikelayo emsebenzini wakhe. Ngiyazi njengamanje uyayizwa ingcindezi kodwa akumele azigqilaze,” kuchaza uMbesuma.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.