Umbhedo lento ekhalelwa uHunt ngababolekwe yiDowns: Rulani

URulani uthi umbhedo lento ekhalelwa uHunt ngababolekiwe
URulani Mokwena ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns
Sbongs Gumbi

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena ukuthathe ngokuthi umbhedo okwenziwa amaqembu asuke eboleke abadlali kubo.

ISundowns inombandela wokuthi iqembu eliboleka umdlali ngeke adlale uma selibhekene nayo. Lokhu kuhlale kukhalwa ngakho.

Muva nje umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt ukhalile ngalento njengoba kunabadlali abathathu angeke akwazi ukubasebenzisa uma sebebhekene neSundowns kwiMTN8 ngoMgqibelo ntambama.

Nokho uMokwena uthi umbhedo indaba yokuthi abantu bavume into ngasese bese bekhala ngayo uma sebesesidlangalaleni.

“Lento ayiqali manje, kudala yaqala. Amaqembu anemvume yokuwunqaba lo mbandela uma kusaxoxiswana,” kusho uMokwena.

“Kuyilungelo labo ukungavumi bese bengasayini. Okuxakayo wukuthi bafike bawuvume lo mbandela bese bejika bakhale ngokuthi uyabakhubaza…

“Kodwa njalo akekho osuke ebaphoqile ukuthi bakuvume lokhu,” kuchaza uMokwena. Uthe yena uyasihlonipha isikhulu seSuperSport uStanely Mathews ngoba uyawazi umsebenzi wakhe.

FUNDA NALA: Umsubathi obebhekwe ekuwineni iComrades usevele wahoxa

“Ngiyawazi amava esikhulu seSuperSport. UStanley Matthews ngumuntu engimhlonipha kakhulu futhi uyakwazi ukuphatha iqembu lakhe.

“Thina besingobani ukuthi singavele silawule ukuthi akaliphathe kanjani iqembu? Ekugcineni umuntu kumele enze lokho okumlungele.

“Thina owethu umsebenzi wukucija iqembu, sakhe uhlaka lokudlala bese siqinisekisa ukuthi sinabadlali abasezingeni enkundleni njalo uma sidlala,” kusho uMokwena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *