UMboro waxoshwa emsebenzini ngenxa yokwehla enyuka neRichards Bay FC

UMandlenkosi "Mboro" Shandu
Sihle Ndlovu

Umlandeli wokuqina weRichards Bay FC, uMandlenkosi “Mboro” Shandu, walahlekelwa wumsebenzi ngenxa yokuthanda ibhola, ehla enyuka eseka iqembu lakhe.

UMboro akasali emidlalweni yeNatal Rich Boyz, esanda kunyukela kwiDSvt Premiership, futhi uyakugcizelela ukuthi yena weseka iqembu lasekhaya, hhayi lawa amakhulu aheha abalandeli abaningi.

“Ngangingumuntu owayecela njalo emsebenzini kanti sebeyabona ukuthi lo muntu akasemnandi ngalapha ngakithina, usethanda ibhola kakhulu. Base bethi sicela ukukukhulula ke unomphelo,” kusho uMboro.

“Akuzange kube mnandi kimina lokho, ngathi ngiphuma kwaba nezinyembezi zodwa. Kodwa ngahamba ngayokwazisa usihlalo weqembu ngoba wayengazi, wangithembisa ukuthi kuzokwenzeka okuthile kodwa kuze kube yimanje ngisabambe udonga.

“Ngiyethamba kodwa likhona itoho elizoqhamuka njengoba iqembu selinyukele esigabeni esikhulu ukuze nami ngikwazi ukuthola amasentshana ngiziphilise.”

UMboro uthe wake weseka elinye iqembu phambilini kodwa wabuye walilaxaza wakhetha ukweseka iqembu lasekhaya iNatal Rich Boyz.

“Ngiqale ukweseka iqembu (iRichards Bay) ngo-2017 emuva kokuthi kubhidlike iqembu elidala iThanda Royal Zulu. Ngesikhathi iqembu liqala abantu base bedikilile bethi iRichards Bay yinto ezophelela emoyeni njengesithukuthuku senja,” kusho uMboro.

“Kodwa mina ngaqhubeka nalo. Ngiyakhumbula nje abantu besibuka bethi niyaphi, niyobukela lento yenu engekho. Sasiyisikhombisa siyobuka iRichards Bay eThekwini. Kodwa sakhula isibalo ngemuva kwalokho.

“Ngike ngeseka iMamelodi Sundowns ngoba belingekho iqembu lakithi ebeliphethwe umuntu webala elimnyama. Kodwa manje nansi iRichards Bay FC ikhona abantu bebethi izodayisa isitifiketi sayo yangakwenza lokho.”

Lo mlandeli uthe kuthe cosololo kuyena ukubona iqembu linyukela kwiPremiership ngemuva kokuzama amasizini cisho amathathu elandelana.

“IsiZulu sithi ayizalwa namuhla ihambe namuhla. Ngesizini yokuqala izinto azizange zilunge. Ngeyesibili kwaphinde kwangalunga futhi iqembu lacisho lagawulwa yizembe, sasinda ngokulambisa.

“Ngeyesithathu iqembu libhukulile lavuka, kwacaca ukuthi kukhona lapho liya khona. Njengamanje siyabona iqembu likhulile selidinga ukwesekwa abantu basekhaya. Nalabo ababehambile bedinwa ukuthi kwadayiswa iThanda sicela babuye bazokweseka iqembu.

INatal Rich Boyz kuzomele ikhombise ukuthi iphetheni uma isibhekene neLamontville Golden Arrows emdlalweni wePremiership, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Akungabazeki uzobe ekhona uMboro ukuzokweseka iqembu.

“IRichards Bay ngiyethemba ukuthi izokwazi ukuhlala kwiDStv Premiership ngoba alikho iqembu elingashayeki kule ligi. Ngifisa iqembu libe kwiTop 11 ukuze lingaqedi njalo sekwembulwa kwembeswa,” kuphetha uMboro.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.