UMbulu uhlulwe iphenathi iBaroka ibambana neCity

UMbulu uhlulwe iphenathi iBaroka ibambana neCity
URichard Mbulu
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ilahle ithuba elihle lokuqoqa amaphuzu aphelele iBaroka FC egeje iphenathi ibhekene neCape Town City koweDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama.

Emdlalweni obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, iBaroka ithole iphenathi ngomzuzu ka-49 ngemuva kokuthi ibhola lishaye esandleni somdlali weCitizines esebhokisini.

Le phenathi ithathwe uRichard Mbulu ovele wayibeka ngqo ezandleni zikaHugo Marques lalahleka kanjalo ke ithuba lokushaya igoli.

Umdlalo ugcine uphele ngo 0-0 nokuchaza ukuthi ukube uMbulu uyishayile iphenathi iBaroka ibizowina.

Akukho okutheni okwenzeke emdlalwnei ngesiwombe sokuqala ngaphandle kokuthi iCity ibikhombisa ukuba namandla.

Ngesiwombe sesibili iBaroka ibuye isingcono kakhulu nokwenze ukuthi igcine ithole iphenathi.

ICity ibuye ngamandla futhi ngasemizuzwini yokugcina izama igoli lokulinganisa.

FUNDA NALA: UModise uveza okwamcasula wadikila iChiefs, wayojina iPirates

Nokho bekubuye konakale emuva uma isihlasela kakhulu kusale kuvulekile.

Ukudlala ngokulingana kweBaroka kuchaza ukuthi isazohlala emsileni kwilogi yePremiership, kanti ngakolunye uhlangothi iCitizens izohlala endaweni yeshumi.

Emdlalweni olandelayo kuzoba nzima kakhulu kwiBaroka njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns.

Leli qembu lasePitoli alikashaywa futhi yilona elizohola phambili kwiPremiership.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.