UMcCarthy akakugqiziqakala ukusatshwa kweTP Mazembe

UMcCarthy akakugqiziqakala ukusatshwa kweTP Mazembe
UBenni McCarthy
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ungafunga ukuthi wakhula eqhathwa uBenni McCarthy uma umuzwa ephaka impi kubadlali bakhe kuMaZulu FC.

Lo mqeqeshi uyafunga uyagomela ukuthi yena alikho iqembu alinqenayo okuyinto eyaqala esengumdlali.

UMcCarthy ubekhuluma ngaphambi komdlalo ongonzima woSuthu la luzobhekana khona neTP Mazembe yaseCongo DR kwiCaf Champions League.

Lo mdlalo uzoba seMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoLwesihlanu ngo 5 ntambama.

“Ngisengumdlali ngangingakugqiziqakala ukuthi uphumaphi noma unani, ngangizibona ngilingana nje nawe, noma ngingaphezulu,” kusho yena.

Yiwo lo moya owamenza wagcina engomunye wabagadli abaphambili emhlabeni esengumdlali njengoba agcina ewine ne-Uefa Champions League.

“Yileyo nkolelo engiyitshala kubadlali. Ngiyakuhlonipha osukwenzile phambilini, kodwa akusho lutho njengamanje.

“Uma nginikwe ithuba lemizuzu engu-90 ukuncintisana nawe, futhi ngizazi engimuhle kukho ngangivele ngigcwale ukuzethemba ukuthi ngingayenza lento.

“Yilokho leli qembu lami elinakho njengamanje, sibuyelwe yilokhu kuzethemba ebesinakho ngesizini edlule.”

AmaZulu avuswa wumlilo njengoba acishe aphuma ekuseni kulo mqhudelwano eshaywa yiNyasa Big Bullets esekhaya.

Kodwa lokhu kwabuhangula ubuthongo njengoba afika eMalawi azibuyisa zishisa izinduku ewina ngo 3-1 ukuze adlulele kulesi sigaba asekuso manje.

“I-TP Mazembe yehluke kakhulu, ngeke ukwazi ukuqhathanisa iziklabhu nezimpisi. Kumele uhlakaniphe ngokwamacebo akho okudlala.

“Kumele uwulawule umdlalo, ukushesha nokuphola kwawo. Ngeke sikwazi ukuvele sihlasele ngamawala nje sisekhaya.

FUNDA NALA: UBilliat wesaba amava kaHunt osepheka iChippa

“Baneqembu elisezingeni eliphezulu uma ubaqhathanisa neBullets ngakho nginethemba ukuthi sizowuthola umphumela omuhle esizogoduka nawo uma sesiya eDRC.

“Sizothwala kanzima laphaya kodwa singakwazi ukukwenza kubekezeleleke uma singathola igoli, noma amabili noma amathathu ekhaya.

“Kungenzeka, iMazembe iyangenelwa amagoli, abaseyina le ntabakazi ababeyiyo kudala. Uma singasebenzisa amathuba esiwatholayo, singabalalisa, kusho uMcCarthy.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.