UMcCarthy akangagadla kakhulu kunompempe obambe AmaZulu inkunzi

UMcCarthy akangagadla kakhulu kunompempe obambe AmaZulu inkunzi
UJelly Chavani
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uzamile ukuzibamba umqeqeshi waMaZulu FC uBenni McCarthy ukuthi angagxeki kakhulu unompempe uJelly Chavani obavimbe sebephuma nawo amaphuzu agcwele wabephuca.

Unompempe unikeze iKaizer Chiefs iphenathi engafanele okwenze yakwazi ukulinganisa ukuze nayo ithole iphuzu elilodwa kulo mdlalo weDStv Premiership obuseKings Park eThekwini ngoMgqibelo.

Yize uMcCarthy ekuvezile kwithelevishini ukuthi kunzima ukuwina uma iqembu obhekene nalo lisizwa ngunompempe, kodwa esekhuluma nabeqembu ubesewehlisile umoya.

“Abafana badlale kahle kakhulu. Besivumelene ukuthi uma sinciphisa amaphutha, singabaphi ibhola kalula ngeke beze kithi.

“Sithe ngeke bekwazi ukudlala ngoba abanabo abadlali abasezingeni elifanele. Abanabo abadlali abangakwazi ukusibhoboza bakhe amathuba.

“Basazama ukuhlanganisa futhi bengazi ukuthi lokho kuzobacindezela. Uma sisebenzisa ukushesha kwethu njengoba bebedlalela emuva nje.

“Bebesebenzisa umdlali wasemuva uNjabulo Ngcobo esiswini noPhathuthsedzo Nange noCole Alexander.

“Besifuna ukusebenzisa ukushesha kukaLuvuyo Memela, Siphesihle Maduna noMattarr Cessay ukubahlasela ngokuzuma.

FUNDA NALA: Wagqugquzelwa ukubuka ifilimu, wangena kwezamankomane

“Kusebenzile ngoba besizithola izikhala zokungena odongeni lwabo lwasemuva saze sathola negoli elihle sahamba phambili.

“Besingawashaya namanje kodwa unozinti wabo ubevimba kahle kakhulu,” kusho lo mqeqeshi owaziwa ngokungafihli lutho.

Ekhuluma nabeSuperSport, uMcCarthy uthe: “Uma sikhuluma kabi ngonompempe sibizelwa ekomidini eliqondisa izigwegwe.

“Ngakho kungcono sikhulume kahle, sehlise nomoya bese simoyizela khona (unompempe) ezojabula.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.