UMcCarthy ucacise ngokuphahluka kwakhe ngokuzifela ngowePirates

UMcCarthy ucacise ngokuphahluka kwakhe ngokuzifela ngowePirates
UBongani Sam
Sihle Ndlovu

Uvuma eyokuzifela ngoBongani Sam we-Orlando Pirates umqeqeshi waMaZulu FC uBenni McCarthy.

Lokhu kuthanda uSam kukaBenni kuvele ngephutha ngeviki elidlule ngoba empeleni wayebuzwe ngoBongani Zungu kodwa yena waphambanisa izinto esephendula.

UMcCarthy uphumele obala ngalokho ngemuva kokuthi iqembu lakhe liqumbe phansi iHoroya AC ngo 1-0 emdlalweni weCAF Champions League eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoLwesihlanu ebusuku.

“Yebo ngiwumlandeli omkhulu walo mfana (uSam). Kodwa ngicabanga ukuthi kube khona ukuphambana kwezinto ngoba umbuzo wawumayelana noBongani Zungu,” kusho uMcCarthy ehleka.

“Yimina owenza iphutha ngacabanga ukuthi ngizwe kuthiwa Bongani Sam. Ngiyavuma kodwa ukuthi ngangimfuna kakhulu lo mdlali.

“Nokho iPirates yakucacisa ukuthi akayi ndawo, ngakho akukho engangikwenza noma kungathiwa umdlali wayefuna ukuzongidlalela.”

USam ungomunye wabadlali abalizwa ngendaba ijezi kwiPirates kanti ngokukaBenni ubefuna ukumboleka nje bese abuyele emuva ngesizini ezayo.

“Kumele uhloniphe iqembu alidlalelayo umdlali. Imenenja emphethe yile ephethe nami. Uma kukhona okwenzekayo ngiyoba owokuqala ukwazi,” kugcizelela uMcCarthy.

FUNDA NALA: Kuzanywa izaba zokuvika ihlazo lokubhuntsha kwezimpi eKZN

Uthe wake wawezwa amahlebezi ngoZungu “kodwa kwakungamahlebezi nje angikaze ngixhumane naye.”

Mayelana nomdlalo uthe ujabule kakhulu ngendlela abadlali bakhe abadlale ngayo, wagcizelela ukuthi uyabakhumbula abalandeli enkundleni.

“Ukuzwa umsindo obuqhamuka kulabo abambalwa abebesenkundleni kwenze ngazizwa ngigqugquzeleka kakhulu.

“Ngithemba ukuthi iCAF nePSL, uma bebebuka bangacabangisisa ukubuyisa abalandeli enkundleni,” kusho yena.

“Isimo sibukeka sesibuyele kwesijwayelekile kodwa sisahlupheka thina ezinkundleni ngokungabi khona kwabalandeli.

“Ngijabule kakhulu ngokuwina nendlela esidlale ngayo. Sengibheke ukuthi silungiselele ukubuyela kwiligi.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.