UMcCarthy uchazekile, ufuna Usuthu lusayine uXulu

UMcCarthy uchazekile, ufuna Usuthu lusayine uXulu
USiyanda Xulu
Alfred Ngubane

Umqeqeshi waMazulu FC uBenni McCarthy unxuse usihlalo waleli qembu uSandile Zungu ukuthi asayine umdlali weBafana Bafana uSiyanda “Magazi” Xulu.

Lesi sitobha asinalo iqembu esidlala kulo njengamanje kanti uziqeqesha naMaZulu ukuze ahlale efithi uma kuba khona elimfunayo.

UMacCthy uchaze uXulu njengomholi onamagalelo njengoba eseke wadlala kwiMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs, neMaritzburg United kuleli.

Naphesheya useke wadlala eRussia kanti muva nje nje ubekwa-Israel. Lo mdlali kubonakala sengathi uzowuthola kuMaZulu umsebenzi.

Uma esayinwa, uzodlala imidlalo eyisikhombisa yeDStv Premiership ngoba ngeke abonakale kweye-Caf Champions League njengoba kunendlela yokubhalisa abadlali.

“Unokuhluke kakhulu, futhi unamava amahle. Ucele ukuzozicija nathi ukuze ahlale efithi ngenxa yalokhu okumehlele e-Israel,” kusho uMcCarthy.

FUNDA NALA: UMotaung Junior usola uMngqithi ngokuba nolimi olubi

“Asibanga nankinga nokumsiza ngoba siyalazi izinga lethu ejimini, liyafana naleli alijwayele phesheya. Ubonakala engumholi omuhle futhi unomthelela omuhle nakubadlali bami.

“Bonke babe sebeqala bezwana naye. Akayena nomdlali wethu kodwa ngenxa yobuholi bakhe nekhono nguye ogcina eseyalela ozakawabo ukuthi benzeni.”

Khonamanjalo, kuzothi ngoLwesihlanu AmaZulu azotholana phezulu neRaja Casablanca eMoses Mabhida Stadium ngo-6 kusihlwa.

UMacCthy uthi yena umsebenzi wabo njengabaqeqeshi bawenze wonke kanti sekusele ngakubadlali ukuthi bayawunqoba yini lo mdlalo.

Umdlali wasemuva woSuthu uMbongeni Gumede uthi umdlalo bawulungiselele kahle banethemba lokwenza kahle phambi kwabalandeli babo okuzobanika umdlandla.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.