UMcCarthy uhlaba uZinnbauer ngokuhlawumbisela kwiPirates

UMcCarthy uhlaba uZinnbauer ngokuhlawumbisela kwiPirates
UJosef Zinnbauer
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Kusale kancane ukuthi uBenni McCarthy avele alibeke ngembaba elokuthi umqeqeshi we-Orlando Pirates usadunguza emswaneni kuleli qembu. UMcCarthy ubeyisimenywa ngesikhathi kunesithangami sabezindaba kukhulunywa ngeCarling Cup.

Le ndebe ibangwa yiKaizer Chiefs nePirates ngaphambo kokuqala kwesizini kanti kulokhu izoba ngo-Agasti 1 e-Orlando Stadium. UMcCarthy usole ukushintshashintsha indlela yokudlala kukaJosef Zinnbauer.

“Singabantu baseNingizimu Afrika siyathanda ukulandela izindlela ezintsha zokwenza izinto,” kuso uMcCarthy. “Okwenzeka e-Europe nathi siyakulandela.

“Okwenziwa nguPep Guardiola sibe sesikulandela, nathi sibophele amaqembu ethu ngendlela abophela ngayo. Kodwa angikholwa wukuthi kuyasebenza lokho ngoba thina asinayo indlela eyodwa lyokudlala.

“Indlela ofuna kudlalwe ngayo kumele ihambisane nabadlali onabo eqenjini lakho. Kumele kube abadlali abakwaziyo ukudlala ngaleyo ndlela bese besekana ibenze balisebenzise kahle ikhono labo. Yileyo indlela okumele uhlele ngayo,” kuchaza yena.

Ube eseqhathanisa indlela umqeqeshi omusha weChiefs, uStuart Baxter adlalisa ngayo iqembu lakhe athi isobala futhi abadlali bayashesha ukuyijwayela.

“Ngibonile uStuart Baxter ubuyile kanti uthanda ukudlala i-4-4-2 okuyiyo adla ngayo. Uyathanda ukuhlasela ngokuzuma asebenzise ijubane ezimpondweni.

“Uma ngibheka umqeqeshi wePirates, angiyazi indlela ayisebenzisayo. Sengijahe ukubona. Bayishintsha njalo indlela yokudlala ngakho kunzima ukwazi ukuthi bayingozi kuphi.

FUNDA NALA: Isikhulu seSafa sithi umqeqeshi weBafana uzophenduka ikati eliphakelwe inyama nobisi

“Angikholwa nokuthi kwayena uyawazi ukuthi akuphi amandla eqembu lakhe ngoba ushintshashintsha njalo. Uma uhlaziya imidlalo emithathu yePirates ubona izindlela ezintathu ezehlukene zokudlala.

“Kodwa ke okuhlukile  ngeCarling Cup wukuthi abalandeli abakhetha abadlali nendlela abazohleka ngayo enkundleni,” kuchaza uMcCarthy.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.