UMcCarthy uncengela iChiefs ukuthi ingahlawuliswa

UMcCarthy uncengela iChiefs ukuthi ingahlawuliswa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi waMaZulu FC uBenni McCarthy uveze ukuzwelana kwakhe neKaizer Chiefs njengoba ikhungethwe izinkinga zokubhebhetheka kweCovid-19 eqenjini.

Bangu-36 abatheleleke ngalolu khuvethe ekhempini yeChiefs kuze kube manje okwenze yangakwazi ukudlala imidlalo yayo emibili edlule.

Akubonakali izokwazi ukudlala nolandelayo ongeSonto neSekhukhune United.

“Uma imithetho ilandelwa ngokufanayo kuwo wonke amaqembu angisiboni isidingo sokuthi kuhlehliswe imidlalo,” kusho uMcCarthy.

“Kumele kube nesivumelwano (phakathi kwamaqembu) ngoba wonke amaqembu azama okusemandleni ukugcina abadlali bephephile.

“Kuyazanywa ukuthi abadlali behlale besesimweni esihle futhi bephephile kwiCovid-19 ukuze sikwazi ukuqhubeka nemidlalo, sibukise abantu ibhola elihle.”

IChiefs izamile ukucela ukuba iPSL iyihlehlise yonke imidlalo yayo yeDStv Premiership esele kule nyanga kodwa yachithwa.

FUNDA NALA: IPSL seyisheshe yamthola ozovala isikhala somshushisi

“OkweChiefs kube yishwa nje lokuthi leli gciwane libhebhetheke eqenjini lonke.

“Ngakho ngicabanga ukuthi ngeke ukwazi ukubatshela ukuthi abasebenzise iqembu leMDC noma badlale bengaphelele.

“Nginethemba lokuthi kuzokwenziwa into elungile ngalesi simo, iChiefs ingahlawuliselwa into eyenzeka emhlabeni jikelele.

“Kumele sikhombise uzwelo ngoba ekugcineni into ebalulekile yizimpilo nokuphepha kwabadlali,” kusho uMcCarthy.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.