UMcCarthy usola ukuba umnqolo kuPercy Tau obaleke kwiBrighton

uMcCarthy
UPercy Tau
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi waMaZulu FC uBenni McCarthy uthi kufane nokubuyela emuva ukushiya kukaPercy Tau kwiBrighton and Hove Albion edlala kwi-English Premier League.

UTau ushiye kuleli qembu ekuqaleni kwaleli viki kanti usesayine kwi-Al Ahly yase-Egypt eqeqeshwa nguPitso Mosimane.

“Ngocabanga ukuthi okwenzekile wukuthi abakubone kukuhle wukuthi ashiye,” kusho uMcCarthy kwiPhakaaathi.

“Usemncane futhi unethalente elihle ngakho mhlawumbe ukuhlala ebhentshini isikhathi esiningi kule minyaka akuyo bekunzima.

“Mhlawumbe yingakho ekubone kukuhle ukuthi ethi ukuhlehlela emuva aye eqenjini la ezodlala khona njalo.

“Kodwa ngokubona kwami, kube wukubuyela emuva kakhulu lokhu. Ngiqale ukumbona uTau ngesikhathi ngiqala ukuqeqesha esekwiSundowns.

“Ungumdlali omuhle kakhulu, uyazimisela ngaso sonke isikhathi. Uma unokuzinikela okufana nokwakhe ayikho into engama endleleni yakho.

“Ngakho ukuthi ukhethe ukuhlehla kunokuthi alwele indawo yakhe kwiBrighton ayibanga noNeal Maupay, Leandro Trossard noDanny Welbeck (kuyaphoxa).

FUNDA NALA: Usale elimele uKatsande eshaywa ngumlisa abaxabane beshayelisana kabi

“Siyambona nje uMaupay uhlezi eseqenjini eliqala imidlalo kodwa mina ngingakuncamela ukubanga naye indawo kunokuyibanga noSergio Aguero uRobert Lewandowski; Lionel Messi noma uRomelu Lukaku.

“Uma laba badlali kuyibo abaqala imidlalo wena uhlale ebhentshini, kungazwakala uma uthi uyashiya uyobheka amathuba engxenye.

“Kodwa uma ubanga noMaupay, akekho mubi kodwa noTau usezingeli elifanayo naye. Basezingeni elifanayo.

“Indlela adlala ngayo inokulwa yingakho mhlawumbe umqeqehsi (uGraham Potter) emthanda kangaka. Kodwa uTau ungumdlali ongcono kunaye.

“Unekhono elingcono, unomjiko, uyakwazi ukubona izikhala kanti uma uyingozi kakhulu uma ephambi kwepali.

“Ngicabanga ukuthi ukube ubekezelile ithuba belizovela, ubekwiligi ephambili emhlabeni. Emhlabeni wonke abantu babuka iPremier League.

“Ukuthi uyayiqala imidlalo noma uqala ebhentshini, awufuni ukuphuthwa yithuba lokudlala kule ligi,” kuchaza uMcCarthy owadlala kwiBlackburn Rovers neWestham United kwiPremier League.

“Usekuvele obala ukuthi abadlali baseNingizimu Afrika babuthaka kanjani. Uma izinto zithanda ukuqansa bayabaleka.

“Lokho kuzokwenza amaqembu abe manqika ekulandeni abadlali bakuleli ngokuzayo,” kuqhuba yena.

Noma kunjalo uMcCarthy uthe umfisela inhlanhla uTau kwi-Ahly la asezophinde adlale ngaphansi kukaPitso.

“Ngimfisela okuhle uTau. Uzohlangana ‘noyise’ uPitso. Uma kukhona umuntu ongakwazi ukubuyisela uTau ebholeni lakhe akekho odlula uPitso kulokho.

“Uzodlala futhi ngethemba ukuthi sizophinde sibone uTau lo esimaziyo eNingizimu Afrika njengoba ezobe edlala imincintiswano eminingi edla nezicoco.

“Bavele bambalwa abadllai bakuleli kumaligi amakhulu ase-Europe kodwa nakhu naye usevele wabuya.”

UTau ufake isithombe sakhe kwiTwitter egqoke ijezi le-Al Ahly wasiphelezela ngombhalo omfishane othi: “Ngikhetha injabulo.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.