UMcCarthy uthi uMothwa angasidla isikhundla kwiBafana

UVeli Mothwa

OKADONGA GUMBI
UVeli Mothwa uselinyuse kakhulu izinga kusukela afika kuMaZulu FC, kanti kumanje useze waheha amehlo omqeqeshi weqembu lesizwe, uMolefi Ntseki omfakile esikwatini azogadla ngaso emidlaweni yokuhlunga kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON).
IBafana izogadulisana neGhana eFNB Stadium ngoLwesine, bese ilibangisa eSudan isiyodlala umdlalo wayo wokugcina kuGroup C, la ibambane khona ngamaphuzu ayisiyishiyagalolunye neBlack Stars kumanje.
Umqeqeshi waMaZulu, uBenni McCarthy uthi mahle amathuba okuthi lonozinti wakhe oneminyaka engu-29 agcine esidlile isikhundla sokuba ngoqala imidlalo kwiBafana.
Kukhona uRonwen Williams weSuperSport United no-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs ngaphambi kwakhe kuleli qembu likaNtseki.
“UVeli Mothwa ubizelwe kwiBafana, uyisimangaliso futhi ngicabanga ukuthi uyena imbangi enkulu kaRonwen,” kusho uMcCarthy okusanguye onerekhodi lamagoli amaningi eqenjini lesizwe.
“Yithuba elikhulu kuye leli, ngicabanga ukuthi inkulu intuba yokuthi angene angaphinde aphume kuleli qembu.
“Usezingeni elifanele ukuthi angafaka inselelo enzima kuRonwen, okuyinto ezoba yinhle eqenjini ngoba kungayisiza iBafana ukuba nonozinti ababili abasefomini emaqenjini abo,” kuchaza lo mqeqeshi.
IBafana ayinaye unozinti okunguyena okungathiwa yisethenjwa njengoba kubukeka sesiphelile isikhathi sikaKhune obesebambe le ndawo kusukela ngo-2008.
UKhune uke wahlaselwa inkinga yokwenza amaphutha ashayisa ngamahloni kwiChiefs kule sizini, kwaze kwaphoqeleka ukuba aphucwe ijezi linikwe uDaniel Akpeyi.
Ukubizwa kwakhe kwiBafana kubanyusise amakhala abaningi kwazise ubengadlali eqenjini lakhe, kodwa uNtseki wathi uhlale naye phansi wathola ukuthi inkinga ikuphi.
Kusolakala ukuthi lo nozinti ubenezinkinga ekhaya kwazise ubesanda kushada isinyelela futhi usenosana.
Kuthe esanda kuqokwa, waphinda wavelelwa ngenye inkinga njengoba eshonelwe ngudadewabo oshe wangqongqa nendlu ekhaya kubo eNorth West, wanikwa ikhefu lokuyobhekana nalesi sino futhi atholwe nabelileki abazomeseka.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.