UMcCarthy waMaZulu uthi akayisabi qobo iSwallows esiminye abaningi

Umqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy uyifuna estikini iSwallows engashayeki

MTHOKOZISI MNCUSENI

Ukuhloniphana yinto ecacile phakathi kukaBenni McCarthy oqeqesha AmaZulu noBrendon Truter opheka iSwallows FC ngaphambi kokuthi la maqembu atholane phezulu emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium, ngeSonto ngo 3 ntambama.

Yize ukuhloniphana kusobala phakathi kwalaba baqeqeshi abenza kahle ngokwahlukana kulezi zinsuku, kodwa kucace bha nokuthi abasabani.

“ISwallows isikhombise ngamaqembu amaningi athathwa njengamakhulu ukuthi akufanele izelwe ngobuso ngoba iyabhaxabulana.

“Yebo siyakwazi lokho futhi siyakuhlonipha kodwa lokho akusho ukuthi kufanele singenwe amanzi emadolweni ngenxa yakho,” usho kanje uMcCarthy ekhuluma ngezinhlelo zakhe.

Kusukela uMcCarthy efikile eThekwini kunomuzwa wethemba Osuthwini kanti nemiphumela yakamuva iyakufakazela lokhu.

Nesifiso sabaphathi (abasha) sokuthi iqembu liqede isizini yeDStv Premiership endaweni yesine noma ngaphezulu sesibukeka singafezeka kusukela kufike uMcCarthy yize bekubukeka kuyiphupho nje engakafiki.

Njengamanje Usuthu lusendaweni yesikhombisa lapho seluqoqe khona amaphuzu angu-21 kuze kube imanje.

Nomphumela wakamuva kwiNedbank Cup lapho ekhiphe khona omkhaya iLamontville Golden Arrowws sekukhahlelwa amaphenathi wenza leli qembu liye eSoweto ngokukhulu ukuzethemba.

“Kunesizathu njengoba iSwallows ingashayiwe kule sizini yingakho ngithi lo mdlalo unzima kodwa bayafana nathi ngakho konke.

“Bayiqembu elifanayo namanye kodwa banomqeqeshi nabadlali abaphambili. Kufanele kuhlonishwe lokho kodwa nathi sizobe siyinkinga ngendlela efanayo kubona. Asibesabi,” kusho uMcCarthy.

ISwallows isendaweni yesithathu kwilogi kule sizini nabo abathi iyabathusa. Sebeqoqe amaphuzu angu-28 emidlalweni engu-14 kodwa abayazi iwini kwemithathu yeligi edlule abebeyidlala namaqembu anzima, SuperSport United, Mamelodi Sundowns neChippa United.

“Akekho ongazi ukuthi uBenni akazele ukuzosinisa amahleza lapha uzosihlasela. Iqembu lakhe lidlalisa okwesitimela esishosholozayo.

“Kufanele sikulungele lokho futhi angingabazi ukuthi amagoli azoba khona ngoba badlala njengathi. Ngeke ngithuke uma kungena amagoli amahlanu noma ngaphezulu kulo mdlalo,” kusho uTruter.
Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *