UMchunu uphika eyokubuswa ukuziphindiselela kuMakabu owamphoxa

UMchunu uphika eyokubuswa ukuziphindiselela kuMakabu owamphoxa
UThabiso "The Rock" Mchunu
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Facebook

UThabiso “The Rock” Mchunu kubhekwe ukuthi ahluthulane ngesibhakela nembangi yakhe endala u-Ilunga Makabu, waseDemocratic Republic of Congo (DRC) empini yeWBC.

Le mpi yabo kuzba ngeyesisindo secruiserweight kanti iyimpinda phakathi kwalaba bashiyibhakela.

Kade yalindelwa kusukela uMakabu aqumba phansi eMchunu eThekwini ngo-2015, ngaphansi kwayo iWBC.

Kwakuhlungwa owayezobhekana noGrigory Drozd kulona leli bhande. Kuncane okungavimba ukuthi uMchunu noMakabu baphinde batholane phezulu ngoNovemba 20, eDRC noma e-USA.

Kusele nje ukuthi kuqedelwe izinto ezimbalwa bese kuyasayinwa, kulindwe usuku olukhulu.

UMchunu ukuqinisekisile ukuthi zikhona izinhlelo zokuthi alwe noMakabu yize kungakaqedelwa konke.

“Ikhona impi engizoyilwa futhi sesivumelene ngomlomo, sekushoda ukuthi kunqunywe ukuthi izoba kuphi.

“Ngizolwa nalo mjitha waseCongo uMakabu sibanga isicoco seWBC,” kusho uMchunu.

“Lena yimpi ebaluleke kakhulu ngoba wonke umuntu odlala isibhakela ngoba iWBC yilona bhande elikhulu kunawo wonke.

“Sekushoda nje ukuthi kuze inkontileka kusayinwe bese ngiba nesiqiniseko ngokuphelele.

“Okwamanje ngiseku-90% kodwa ngokomlomo kuvunyelwene. Ingaba ngoNovemba 20 kanti kungenzeka ibe seCongo noma e-USA.”

Phambilini kuke kwavela ukuthi uMchunu ubengakuthandisisi ukuyolwa noMakabu ngakubo eCongo.

Kodwa kulokhu uthe akanandaba ukuthi bazolwela kuphi, akufunayo nje yena ukwela ibhande leWBC.

“Kimina akunandaba ukuthi impi ikuphi. Yimpi enkulu lena, ngilwa nomuntu vele esengike ngalwa naye.

Okuhle nje ukuthi ngilwile kulo nyaka ngakho akukadluli isikhathi eside ngigcinile ukulwa,” kusho uMchunu.

Egcina ukungena eringini uMchunu uqumbe phansi u-Evgeny Tishchenko waseRussia ngoMeyi empini yokuhlungela lesi sicoco seWBC.

FUNDA NALA: Kusize uSoukouna selihambile iphuzu kwiMaritzburg

Lo mshayisibhakela wakwaXimba KwaZulu-Natal, uthe ukuziphindiselela kuMakabu yinto akade ayidlulisa, okubalulekile kuyena manje yibhande leWBC.

“Kwakukhona ukuthi ngifuna ukulwa naye ngemuva kokuthi engihlulile,” kuvuma uMchunu owaqala isibhakela esemncane.

“Nokho kwahamba isikhathi yaphela yonke leyo nto. Mhlawumbe ngayifuna kakhulu impi kusanda kwenzeka kodwa manje akusho lutho.

“Okubaluleke kakhulu manje ukuthi ngilwela iWBC okuyilona ibhande elikhulu. Yena sengike ngalwa naye.

“Uma usuphinda nalowo muntu usuke usufuna ukuwina. Yibhande elibalulekile kimina manje, okunye kuyoba yibhonasi,” kuphetha uMchunu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.