UMdaka uncoma iqhaza likaMalesela ekuwineni kweGallants

UMdaka uncoma iqhaza likaMalesela ekuwineni kweGallants
UDaniel "Dance" Malesela
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Ilokhu iqhubeke njalo nokuzama ukuzikhipha ezembeni iMarumo Gallants esithole amawini amabili abalulekile selokhu iqashe umqeqeshi uDaniel “Dance” Malesela.

IGallants inyukele endaweni ka-12 kwilogi yeDStv Premiership ngemuva kokushaya iTS Galaxy ngo 3-1 emdlalweni weligi ngoLwesithathu.

Leli qembu beliyibambe emsileni ngaphambi kokuthi kufike uMalesela olitholele iwini yalo yokuqala.

Lo mqeqeshi usagonqile kancane okwamanje kulandela ukutholakala eneCoronavirus.

Nokho umqeqeshi obambile uRaymond Mdaka ukuqinisekisile ukuthi konke abakwenzayo bathatha imiyalelo kuMalesela.

“Senze njengoba ebesitshelile nanjengoba ebefuna,” kusho uMdaka ngemuva komdlalo.

“Iqembu lenze njengoba ebefuna, sixhumanile naye futhi sinaye kulesi sikhathi.

“Sithemba ukuthi uzoqhubeka lapha uma esebuya,” kuqhuba uMdaka.

Ukuwina kweGallants kushovele phansi iGalaxy kwazise izinto aziyihambeli kahle selokhu kuqale isizini.

UMdaka yena kuyamjabulisa ukuthi sebeyawina ngoba bebevele bedlala ibhola elihle.

“Kusinika ukuzethemba siyiqembu ukuthi sesiyawima.

“Besingawatholi amagoli singayiwini imidlalo ngoba besidlala kahle emidlalweni eminingi kodwa singayitholi imiphumela.

FUNDA NALA: UMicho uqinisa abePirates idolo, uthi sekuyalunga

“Lokhu kuyinto ebalulekile futhi kukhona lapho kusiyisa khona. Yinto ebesilokhu sifuna ukuyenza.”

IGallants izodlala umdlalo wayo olandelayo weligi neSekhukhune United e-Ellis Park Stadium ngoDisemba 8.

Ngempelasonto leli qembu lizodlala umlenze wesibili weCAF Confederation Cup neTP Mazembe ngeSonto.

Emlenzeni wokuqala ekuhambeni kuwine iMazembe ngo 1-0.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.