Umdlali owethulwe yiRoyal AM ugoloze ukujima, usatshiswa ngummeli

Umdlali owethulwe yiRoyal AM ugoloze ukujima, usatshiswa ngummeli
Abadlali beRoyal AM besejimini
Sbongs Gumbi

Kubonakala sekuqubuke ukudideka umdlali ongomunye wabasanda kwethulwa yiRoyal AM njengoba egoloze ukujima kanti abamphethwe bathi usengoweSwallows FC.

Ngala leli qembu likaMaMkhize lime ngommeli othi ayikho leyonto kodwa lo mdlali, uKhekuthula Ndlovu usengowabo ngoba bathenge inkontileka yakhe kwiSwallows. 

UNdlovu ubengomunye wabadlali abethulwe yiRoyal AM ngempelasonto edlule ekanye nomqeqeshi wabo omusha uKhabo Zondo.

Nokho uNdlovu yena ubengakayi ekhempini yaleli qembu njengoba lizicija, lilungiselela isizini ezayo la kubhekwe lukhulu kuyo.  

Ngokombiko weSABC Sport, imenenja kaNdlovu imile ekutheni lo mdlali akanankontileka naleli qembu kodwa inkontileka anayo eyeSwallows. 

Akucacike ukuthi pho kungani avuma ukuba ayokwethulwa aze ashuthwe nosihlalo weRoyal AM u-Andile Mpisane emamukela kuleli qembu.  

Ngokwalo mbiko, ummeli weRoyal AM usebhalele uNdlovu incwadi evuthayo emazisa ngokuthi uzobheka nokuqondiswa ubugwegwe uma eqhubeka nokulova emsebenzini.

“ISwallows FC yenze isivumelwano sokudayiselana neRoyal AM FC, kanti imibandela yalokhu kudayiselana wukuthi iRoyal AM FC ithenge umdlali uMnuz Mr K Ndlovu.

“Umbandela wale nkontileka uthi inkontileka uMnuz K Ndlovu yokuqashwa abenayo kwiSwallows seyidluliselwe kwiRoyal AM FC.

FUNDA NALA: UTeko Modise usephuma ngenye indlela njengoba esengena ebhizinisini lokuphatha abadlali

“ISwallows FC isiyikhiphile incwadi yokukhulula uMnuz Mr K Ndlovu, kanti le ncwadi isezandleni zeRoyal AM FC,” ibifundeka kanje ingxenye yale ncwadi.  

“Ngalokho uMnuz Ndlovu uyexwayiswa ngokusemthethweni ukuthi ukuhluleka kwakhe ukuza emsebenzini kwiRoyal AM FC kungukwephula imigomo yenkontileka yakhe.

“Le ncwadi iphinde ibe yindlela yokunxusa uMnuz Ndlovu ukuba afike emsebenzini kwiRoyal AM FC ngokushesha.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.