Umdlali weLeopards uzothiphisa umqeqeshi ngeCape Town City

Mthokozisi Mncuseni

Uzoncelisa umqeqeshi wakhe ngolwazi analo ngeCape Town City umgadli weBlack Leopards, uRoderick Kabwe ohlale iminyaka emine eKapa edlalela i-Ajax Cape Town.

Umdlalo weDStv Premiership phakathi kweLeopards neCape Town City ungoLwesithathu ngo-5 ntambama eThohoyandou Stadium, eLimpopo

“Ngihlale kakhulu eKapa ngakho iCape Town City ngiyazi kahle. Iningi labadlali abakuyona ngibazela kwi-Ajax. Ngike ngadlala nayo futhi iCity kweyabakhaya emibili.

“Ngiyaqonda futhi ukuthi kukhulu okubhekwe kimina ngenxa yalolo lwazi, ngakho-ke ngizoludlulisela kumqeqeshi(uDylan Kerr),” kusho uKabwe.

Lo mdlali waseZambia ube ngomunye wabashaye amagoli iLeopards inqoba kwi-Orlando Pirates muva nje, futhi uyakuqonda ukuthi kukhulu okubhekwe kuyena.

“Ngifike lapha ngazi ukuthi amagoli abhekwe kimina. Ngijabule ngendlela esidlale ngayo kwiPirates sithola iwini yethu yesibili yesizini.

“Likhhule kakhulu ithemba. Okusele manje kungakithi abadlali ukuthi sikhombise ukuthi esikwenze kwiPirates akubanga yiphutha,” kuqhuba uKabwe.

Okumhlupha kakhulu yisimo iqembu elikusona kwazise kuthunukala amanxeba njengoba ubeyingxenye ye-Ajax edliwe yizembe.

“Kusemqoka ukuthi sisheshe sisuke kule ndawo engahloniphekile esikuyona. Lokhu kufanele sikwenze manje kusakhanya ngoba emzuliwaneni wesibili wesizini kuzobe sekunzima kakhulu.

“Ukwenza kahle kwethu kwiligi kuzosipha nethuba lokukhululeka sidlale kahle nakwiNedbank Cup. Ngiyaphupha ngokuwina iNedbank Cup neLeopards futhi angiboni kungani kufanele ngikuyeke lokho,” kusho uKabwe.

Lo mdlali ofike kwiLeopards ekuqaleni kwesizini, uthe akanankinga nesimo sezulu saseLimpopo ngoba kufana nokuthi usekhaya eZambia lapho ekhulele khona likhipha umkhovu etsheni nsuku zonke.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.