UDABA: Izintatheli zeMpempe
ISITHOMBE: Twitter
Sethula ingosi entsha namuhla esizoyishicilela njalo ngoLwesibili: Umdlali weViki. Lapha sizobe sethula umdlali ithimba lethu elimbone kunguye owenze kahle kunabanye ngalleo viki.
Sizobe sesiphinda sethula neqembu leviki, okungabadlali abangu-11 abenze kahle ezindaweni ezehlukene ngalelo viki.
Isizini yePremier Soccer League iqalile ngempelasonto ngemidlalo yeMTN8 la kube khona abasala bethuka bodwa, abanye begxumagxuma yinjabulo.
Umbango womdlali owenze kahle ubushube kakhulu kakhulu njengoba bebaningana abadlali abakhombise ukuba bahle yize isizini iqala nje.
Amagama asheshe avela uma kubhungwa lolu daba ngelikaRFuzaigh Gamildien weSwallows FC. Nelikanozinti weMamelodi Sundowns, uKennedy Mweene lisheshe lavela.
Abanye bavelile oMusa Nyatama weSwallows, Terrence Mashego weCape Town City noThemba Zwane weSundowns.
FUNDA NALA: UMabunda kwale kancane avele akhale evalelisa kwiSundowns
Nokho ivoti livune uGamildien oshaye amagoli amabili amahle akhombise ukuvuthwa nokuba neso elibukhali lokubona ithuba legoli.
La magoli akhe asize iSwallows ingene emidlalweni eyandulela owamanqamu kwiMTN8 ishaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 ngoMgqibelo.
Selilonke iqembu esiliqokile lime kanje:
Emuva
Unozinti: Kennedy Mweene (Sundowns)
Kwesokudla: Mthokozisi Dube (Golden Arrows)
Kwesokunxele: Terrence Mashego (Cape Town City)
Maphakathi nenkundla: Nkosinathi Sibisi (Golden Arrows)
Maphakathi nenkundla: Abubaker Mobara (Cape Town City)
Esiswini
Kwesokudla: Themba Zwane (Sundowns)
Kwesokunxele: Luvuyo Memela (AmaZulu)
Maphakathi nenkundla: Siyethemba Sithebe (AmaZulu)
Maphakathi nenkundla: Musa Nyatama (Swallows)
Phambili
Umgadli: Ruzaigh Gamildien (Swallows)
Umgadli: Mduduzi Mdantsane (Cape Town City)
Ebhentshini
Umqeqeshi: Brandon Truter
Iphini: Eric Tinkler