Umdonsiswano kwiSafa nePSL ngokudlala kwiSuper League

Umdonsiswano kwiSafa nePSL ngokudlala kwiSuper League
OkaDonga Gumbi

Kufufusa umdonsiswano ongase ungapheli kahle phakathi kwenhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa nephethe ibhola elikhokhelayo, iPSL.

Umdonsiswano kuthiwa ususwa wukuthi iPSL imanqikanqika ngokuvumela amaqembu ayo angenele iSuper League ehlongozwa yiCaf.

Lo mqhudelwano ungumbono kamengameli weFifa uGianni Infantino kanti emhlanganweni wakamuva weCaf iSafa yavotela ukuthi wenziwe e-Afrika.

ISunday World ibika ukuthi abePSL bakhala ngokuthi izinkontileka abazisayine nabaxhasi beligi azibavumeli.

Nokuthontelana kwemidlalo ngezinye zezinto ezenza kube nzima kubo ukuvumelana nalo mqhudelwano.

“Uzongena kusiphi isikhala lo mqhudelwano njengoba imidlalo ivele isinda ngenxa yobuningi bayo,” kucashunwe umthombo usho kanje.

“Kunemiqhudelwano efana neMTN8, iNedbank Cup kanti neTelkom Knockout kusengenzeka ibuye nayo ngonyaka ozayo.

“Asikho nhlobo nje isikhala salo mqhudelwano kuleli. ICaf neFifa abakawazisi amaqembu ukuthi uzosebenza kanjani lo mqhudelwano. Okwamanje kuseyinto exoxwa emoyeni nje.”

Omunye umthombo uthe iCaf isiwaxine ngokuningi kakhulu amaqembu njengoba seyizophoqa nokuthi abe namaqembu abesifazane nje.

“IPSL iqinisekise abaxhasi bayo iDStv neMTN ukuthi awukho omunye umqhudelwano ozodlalwa amaqembu ayo ngaphandle kweyeCaf Champions League neConfederation Cup.

“Lokhu kungenxa yokuthi ivele imidlalo miningi ngenxa yale miqhudelwano evele ekhona.

“Yingakho iPSL ingakwazi nje ukwenyusa isibalo samaqembu siye ku-18 noma ku-20 ngoba kuzokwanda imidlalo.”

Isikhulu esiphezulu kwiPSL uMato Madlala uthe yena akazi lutho ngeSuper League ngakho ngeke akwazi ukuphawula ngayo.

FUNDA NALA: IPirates ingase idlale engekho uLorch othintekile

Uzakwabo kwiSafa, uTebogo Motlanthe yena uthe bona sebeke baziswa yiCaf ngalo mqhudelwano kodwa abanayo imininingwane egcwele.

“Esisakutholile kwiCaf wukuthi izoqalwa iSuper League kodwa njengamanje asazi ukuthi izodlalwa ndlelani nokuthi amaqembu azodllaa kuyo azokhethwa kanjani.

“Sisalinde iCaf isinikeze olunye ulwazi. Uma sesilutholile, kulapho ke esobe sesikwazi ukuveza ukuthi sicabangani ngayo.

“Savotela ukuthi uqhubeke lo mqhudelwano ngoba sibona ungase uvule amathuba kodwa sisalinde ulwazi oluthe xaxa ngaphambi kokuthi sixoxe namaqembu.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.