UMemela ufunwa yiSuperSport, nelaseSoweto liyamcathamela

UMemela ufunwa yiSuperSport, nelaseSoweto liyamcathamela
ULuvuyo Memela ofunwa amaqembu amabili aseGauteng
OkaDonga Gumbi

ULuvuyo Memela kubukeka ezosheshe awuthole umsebenzi kulandela ukuxoshwa kwakhe AmaZulu FC emavikini amabili edlule.

UMemela nabanye abadlali abanohlonze okukhona kubo noPule Ekstein bakhonjwe indlela wuSuthu njengoba luthi lwakha kabusha.

Impempe seyithole ukuthi uMemela ngeke ahlale isikhathi eside engenalo iqembu njengoba iSuperSport United seyiqalile izingxoxo.

“ISuperSport izodedela uMahachi kanti ibheke ukuvala isikhala sakhe ngoMemela. Indlela aphila ngayo uMemela yiyo eyenza bamthande.

“Baboba ezoba yisibonelo esihle kubadlali babo abasebancane ngoba uyazikineka enkundleni kanti nangaphandle akazenzi izinto ezingalungile,” kusho umthombo.

Lo mthombo – osondelene nabaphathi bakaMemela – uphinde waveza ukuthi noBobby Motaung weKaizer Chiefs useke wakhuluma ngendaba kaMemela.

“UBobby uchazekile ngaye futhi ukuba uyazenzela ngabe uyamsayina nje. Kodwa manje ngenxa yendlela asebenza ngayo izinto kwiChiefs kumele kuvunyelwane nabanye kuqala.

FUNDA NALA: Udle amazambane ungqongqoshe ebuzwa ngenkundla yeRichards Bay

“Akhona wona amathuba okuthi engaphelela eNaturena kodwa ngiwabona emancane okwamanje kwazise iSuperSport yon sekukhona ekubeke etafuleni ngaye,” kuchaza lo mthombo.

UMemela ubukeka enebhajana lokuxoshwa kungenasidingo njengoba ne-Orlando Pirates ayedlala kuyo ngaphambi kokuthi kuMaZulu yamdedela kungazelele muntu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *