UMemela uvikise Usuthu ihlazo lenduku lusekhaya

Luzikhandile Usuthu luvika ihlazo lwenduku lusekhaya
UPhilani Zulu waMaZulu FC noThabiso Lebitso weChippa United
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kulamule ukungena kukaLuvuyo Memela AmaZulu empintshelwe ekhoneni yiChippa United emdlalweni weDStv Premiership eKings Park Stadium ngoLwesibili.

UMemela ungene ngesiwombe sesibili Usuthu lulandela ngemuva ngo 2-0 kulo mdlalo. Ushaye amagoli abalulekile umdlalo wagcina uphele ngo 2-2.

AmaZulu iwona abedlala kahle kakhulu emizuzwini yokuqala kucaca ukuthi afuna iwini yawo yokuqala ngemuva kwesikhathi eside.

Ngomzuzu wesishiyagalombili uLehlohonolo Majoro udedele imbumbulu yeshodi engaphandle kwebhokisi, wayichithela ngaphandle unozinti weChilli Boys uRashit Watenga.

Usuthu luqhubekile nokudlala kahle kwaze kaba kufika isikhathi sokwenza amaphutha emuva.

Ngomzuzu ka-23 unozinti woSuthu uVeli Mothwa uzame ukujika uBienvenu Eva Nga esebhokisini kodwa lo mgadli walimaka ibhola lakhala enethini.

Ukwenza leli phutha kukaMothwa kubukeka kuzishintshile kakhulu izinto endleleni abedlala ngayo AmaZulu.

Ivele yavuka iChippa yadlala ibhola elingcono kuneqembu lasekhaya.

Usuthu luphinde lwenza elinye iphutha emuva luzama ukuphaselana ibhola ngomzuzu ka-29. Uqhamukile futhi u-Eva Nga walithatha ibhola waqonda ngqo kuMothwa wafike walibeka phakathi.

Isondo bese lijikile ngalesi sikhathi, seyidlala ngokukhululeka kakhulu iChippa. UThokozane Sekoltong bekumele alibeke phakathi igoli lesithathu kodwa wageja iphambi kwakhe inkebenkebe yamapali.

Ukushintsha kwezinto kwenze ukuthi uBenni afake uBonginkosi Ntuli endaweni kaXola Mlambo ngomzuzu ka-42.

Okuhlalukile ukuthi AmaZulu abengenzi kahle emuva njengoba ebengekho uTapelo Xoki obedonsa isigwebo samakhadi.

FUNDA NALA: Kuqopheke umlando kumaSharks eqoka imenenja yesifazane

AmaZulu abuye acindezela ngesiwombe sesibili ezama ukuthola igoli ngokushesha. Bekuzama uMajoro kodwa amthole ephilile emapalini eChippa uWatenga.

Kugcine kulungile kuMaZulu ngomzuzu ka-64 ngesikhathi uMemela eshaya igoli kuba ngu 2-1. UMemela ungene endaweni kaThabo Qalinge ngesiwombe sesibili.

Usuthu bese luhlasela luphindelela futhi akumangazanga ngesikhathi ebuya uMemela eshaya igoli lesibili ngomzuzu ka-82. Bese kungokwesi-12 AmaZulu edlala ngokulingana kule sizini.

Lokhu kuchaza ukuthi asoshoda ngemidlalo eyisishiyagalombili kuphela ukuthi aphule irekhodi leSwallows lemidlalo engu-20 eyidlale ngokulingana ngesizini eyodwa.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com 

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.