Umengameli weKZNA wesese ngokuzibambela kwiJL Dube Marathon

USteve Mukasi noZweli Dube
Sihle Ndlovu

Umengameli weKwaZulu-Natal Athletics, uSteve Mukasi, uthi lesi sifundazwe kumele siqinisekise ukuthi sikhiqiza abasubathi abasebancane ukuze iNingizimu Afrika ikhule kwezokugijima.

UMukasi ugcizelele lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iJL Dube 21km Marathon, eDube Trade Port, ngasesikhumulweni sezindiza iShaka International Airport, ngoLwesibili emini.

Lo mengameli uthe kuyaphoxa kakhulu  ukuthi isifundazwe esinabantu abangaphezu kuka-10 million, siyahluleka ukumeleleka kahle emiqhudelwaneni yamazwe.

“Imijaho enjengo-10km, 21km nama-ultra yimijaho yabantu asebemnkantshubomvu ekugijimeni,” kusho uMukasi.

“Kodwa engikufisayo njengomuntu ozithandayo ezokugijima, ukuthi kube khona izingane ezizoba sesigabeni se-track and field nese-cross country. Kumele sizikhulise ukuze sikwazi ukudla ngazo kusasa.”

I-JL Dube 21km Marathon, okuzohlonishwa ngayo ingqalabutho uJohn Langalibalele Dube, izogijinywa ngoJuni 19, kanti izosuka eDube Boulevard ibuye iphelele khona futhi. Kuzoba khona ne-10km ngosuku olufanayo.

“Ngifisa ukuthi sifake igxalaba njengabaholi bezemidlalo nabeminyango kahulumeni, kubantu abazosa ifundazwe iKwaZulu-Natal nezwe iNingizimu Afrika phambili.”

UMukasi uthe bazizwa bejabule kakhulu ngokuthi umjaho wokuhlonipha ingqungqulu enjengoJL Dube uzokwenzeka.

“Lo mjaho wake waba khona phambili, kukhona ababezama ukuwuhola. SiyiKwaZulu-Natal sikhethe ukuzihlelela wona ngenxa yokuthi sathola izikhalo eziningi zabagijimi ababegijimile bangakhokheleka,” kuchaza uMukasi.

“Manje siyazi ukuthi yonke into izobe ihlelwa yithina, akekho umgijimi ozogijima kwiJL Dube Marathon angakhokhelwa. Kusinikeza ukuziqhenya ukuthi sinomjaho wokuhlelela abagijimi bethu ukuthi babe sesimeni esihle sokuyogijima owokuhlungela iComrades Marathon.”

UMukasi uveze ukuthi ngoJulayi 3 kuzoba neDolphin Coast Marathon yokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiComrades Marathon.

Ozowina iJL Dube uzokhala emuke no-R5000 kwabesifazana nakanjalo kwabesilisa. Ukubhalisela lo mjaho kuvulwe ngoMeyi 24 kanti kuzovalwa ngoJuni 18.

UZweli Dube, ongumzukulwana kaJL Dube, uthe bangajabula ukuthi izingane ezifunda Ohlange High zibe yingxenye yalo mjaho.

“Siyabamema ukuthi beze lapha bazogijima nomake basize ematafuleni ukunika abantu amanzi. Phela ngeke kube kuhle uma singakhohlwa abantu abafunda Ohlange,” kusho uDube.

I-Ohlange yodumo yakhiwa uJL Dube futhi baningi abanamagama abafunde kulesi sikole.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.