Umengameli weSafa usengenele ikhwelo lokubuyela ezinkundleni

Umengameli weSafa usengenele ikhwelo lokubuyela ezinkundleni
Alfred Ngubane

Umengameli wenhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (Safa) uDanny Jordaan  useveze owakhe umbono ngokubuyiselwa kwabalandeli ezinkundleni kuleli.

Abalandeli selokhu bamiswa ukuya ezinkundleni ukuyobuka ibhola bukhoma ngesikhathi kuvalwe izwe kulandela ukubheduka kweCovid-19 eminyakeni emibili edlule.

Ekhuluma neMpempe ngesikhathi kunomhlangano wesigungu seSafa eThekwini ngempelasonto wathi ibhola aliyilutho ngaphandle kwabalandeli.

“Abalandeli yibo abenza ibhola libe yilento eliyilo. Bebekhona ngenkathi kudlala i-Africa Cup of Nations (Afcon) eCameroon.

“Abalandeli bebehlolwa khona enkundleni okuyinto ebingathathi ngisho imizuzu emihlanu,” kusho uJordaan.

Uqhube wathi bazodingida ukuthi abalandeli babuyela kanjani ezinkundleni zezemidlalo kuleli.

Kuzokhumbuleka ukuthi abalandeli bakhala esikanandi isililo ngongayi kobuka amaqembu abo abawathandayo.

UJordaan uphinde waveza ukuthi ukuthi kunemizi ebiyondliwa ngokuthengisa ezinkundleni zezemidlalo manje labo bantu babulawa yindlala.

FUNDA NALA: ISharks ihlabane ngoqweqwe lomqeqeshi

“Manje kumele kucatshangelwe abantu ngoba nakwamanye amazwe abalandeli sebeyangena ezinkundleni.”

INingizimu Afrika yona namanje isalandela emuva kakhulu ngodaba oluthinta abalandeli.

Kodwa abalandeli bezepolitiki bayangena ezinkundleni badlangane ndawonye. Nokho sekuyantwela ezansi.

Umengameli qezwe uCyril Ramaphosa ukuvezile ukuthi izwe lizobuyiselwa esimweni esijwayelekile maduze okuzosho ukuthi nabalandeli sebengabuyela ezinkundleni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.