UMere usola ubunqolo kubadlali ababaleka phesheya babuyele ekhaya

UMere usola ubunqolo kubadlali ababaleka phesheya babuyele ekhaya
UKeagan Dolly
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

‘Kungiphatha kabi ukubona abafana abasebancane bebuya phesheya yize iminyaka isuke isabavumela.’

Lokhu kushiwo yingwazi yeSwallows FC, uVuyo Mere ngesikhathi inengxoxo ekhethekile neMpempe.

Uveza lo mbono nje uMere, kusanda kusuka impikiswano enkulu mayelana nokusayina kukaPercy Tau kwi-Al Ahly esuka kwiBrighton & Hove Albion edlala e-England.

Kukhona abakholwa wukuthi uTau bekumele ahlale e-England alwele indawo yakhe kwiBrighton.

Nokho abanye bathi kungcono aye kwi-Al Ahly ngoba uzodlala kuyona kunokulibala ukukhuhla ibhentshi e-England.

“Kungizwisa ubuhlungu ukubona abadlali abasebancane ngokweminyaka bebuyela eNingizimu Afrika ngemuva kokuhlala isikhashana phesheya.

“Ungabuya phesheya usayine kwiKaizer Chiefs noma kwiMamelodi Sundowns, uhole imali enhle.

“Kodwa ngabe kwenzekani uma sesiphelile isikhathi sakho sokudlala kulelo qembu noma lingayivuseleli inkontileka yakho?

“Kumele bazimisele, balwe phesheya kunokubuyela kuleli,” kusho uMere. Omunye umdlali osanda kubuya phesheya uKeagan Dolly osayine kwiChiefs.

IChiefs ibukeka kuyiyona ehamba phambili ngokusayinisa abadlali bakuleli ababuya phesheya. UBernard Parker osehlale isikhathi eside kwiChiefs usayine kuyona ebuya phesheya.

Abanye uSiboniso Gaxa, Tshepo Masilela, osedlalela AmaZulu FC, Siyanda Xulu nabanye. UXulu usebuye wabuyela nokho phesheya.

ISundowns nayo inabo abadlali ebasayinise sebebuya phesheya okukhona kubona uMbulelo “OJ” Mabizela, Sibusiso “Rhee” Zuma noBenedict “Tso Vilakazi.

UMere uphinde waveza ukuthi akasoze amkhohlwe uNeil Tovey empilweni yakhe ngoba wamsiza kakhulu ukuthi akhule ebholeni.

FUNDA NALA: UBroos uthi uzojika ukucabanga ngabafana abancane uma behlulekile ukuwina kwiGhana

‘Wayefana nobaba kimin. Wayengisiza ngokuningi nangaphandle kwenkundla. Angisoze ngikhohlwe indlela ayenginakekela ngayo.”

Lo mdlali uthe iSwallows ifuna ukuwina okuthile kule sizini. ISwallows isazobhekana neCape Town City emdlalweni womlenze wesibili emdlalweni owandulela owamanqamu ngasekupheleni kwenyanga.

“Kuyabhora manje ukulokhu sinconywa ngokudlala ibhola elihle kodwa singawini lutho. Sifuna kube khona esikuwinayo kule sizini,” kuphetha uMere.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.