UMessi uqede ishobolo lezindebe kwi-Argentina ewina iCopa America

UMessi uqede ishobolo lezindebe kwi-Argentina ewina iCopa America
ULionel Messi
UMBIKO: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

Isihlabani somdlali we-Argentina neBarcelona, uLionel Messi siqede isihlava seminyaka sokuphikwa yizindebe  neqembu lakhe lesizwe, ewina iCopa America ngeSonto ekuseni.

Le ngwazi esizinqobe zonke izicoco ezihamba phambili neqembu layo iBarca, ibilokhu ibhekwe yisambane eqenjini lesizwe. IsiZulu sithi ukubekezela kuzala impumelelo.
Cishe lokho sekunobufakazi kulandela ukunqoba kukaMessi indebe yakhe yokuqala nezwe lakhe. Ubesephenduke ihlaya, kuthiwa usebenzela emizini yabathu kodwa ekhaya kuyahlushekwa.
Lo mdlali onqobe imiklomelo yoMdlali oVelele emhlabeni amahlandla ayisithupha, uthwale izwe lakhe laze layofika kowamanqamu kwiCopa America. Babe sebethela othulini iBrazil ngegoli lika-Angel Di Maria elingene ngomzuzu ka-22.
I-Argentina selokhu yagcina ukuqukula le ndebe ngo-1993 ngesikhathi iguqisa iMexico ngamagoli amabili kwelilodwa. Ngo-2007, 2015 nango-2016 iphume isibili okuholele ekutheni ukaputeni weqembu, uMessi akhethe ukulaxaza iqembu lesizwe ebika ukuthi uzame konke kepha wehluleka.
Ngawo u-2016, uMessi wasibuyekeza isinqumo sakhe njengoba esekwazile ukuthi awine isicoco sakhe sokuqala nezwe lakhe emlandweni.
Phakathi kwezindebe azidle neqembu adlala kulo, iBarcelona kubalwa izicoco ezine ze-Uefa Champions League, eziyishumi zeLa Liga, ezintathu zeFifa Club World Cup neziyisithupha zeCopa Del Rey.
Ngaso sonke isikhathi abathandi bakanobutshuzwayo bebehlale bemngcofa ngokuthi akanaso isicoco nezwe lakhe ekubeni imbangi yakhe enkulu, uCristiano Ronaldo wasePortugal iphethe ese-European Championship.
Phela ukuphikisana akupheli ngokuthi ngubani umdlali ongcono phakathi kwalezi zibabuli. Nokho uMessi usezolala ngokuthula azi ukuthi ngeke besameyisa ngokuphikwa yizicoco ne-Argentina.
FUNDA NALA: Isihlabani seBanyana selulelwe inkontileka kwelaseSpain
Ngo-2014 uke wafinyelela nakowamanqamu eNdebeni yoMhlaba kodwa ezakhe zangalibona elidlalayo kwiGermany eyagcina ingompetha. Lo mdlali kulindeleke ukuba avuselele inkontileka yakhe neBarcelona ezinsukwini ezizayo.
Nokho neqembu laseFrance, iParis Saint Germain seyike yakuvez aukuthi ingathanda ukumsayina nayo. Uma engakuvuma lokhu, engaphinde ahlangane noNeymar waseBrazil abake badlala naye kwiBarca phambilini.
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.