UMessi usengowePSG ngokugcwele, ubuyela kwinombolo yakhe yakudala

UMessi usengowePSG ngokugcwele, ubuyela kwinombolo yakhe yakudala
ULionel Messi
UDABA: Njabulo Shezi
ISITHOMBE: Twitter

Wethulwe ngokusemthethweni uLionel Messi yiqembu lakhe elisha iParis Saint-Germain asayine kulo inkontileka yeminyaka emibili egijima kuyo,

Ushaqise abaningi uMessi elaxaza iFC Barcelona asebeyingxenye yayo iminyaka engu-21. Ukuphazanyiswa yiCovid yiko ukugcine sekuholela ekutheni iqembu laseBarcelona lihluleke wukugcina lesibabuli ngenxa yenkece ebingasangeni kahle eqenjini.

Loku kuyiqhathe nemigomo yezezimali yeligi yaseSpain. iLa Liga njengoba kunezikalo semali iqembu ngalinye elingayisebenzisa ukusayina nokuholela umdlali.

UMessi ujoyina iPSG kanti uzodlubha unombolo 30 nokuyinamba agcina ukubonakala eyigqoka ngesikhathi esangumfanyana efika kwiBarcelona,

Lesi sihlabani sijoyine iPSG ehambisana no-Achraf Hakimi obegijima ku-Inter Milan, Danilo Pereira obeyibamba kuFC Porto, Sergio Ramos obegijima kuReal Madrid, Georginio Wijnaldum obedlala kwiLiverpool noGianluigi Donnarumma obedlalela i-AC Milan.

Sekuvele ukuthi uMessi uzohola isamba sika R608 Million ngesizini. Njengoba isayine laba badlali, iPSG kulindeleke ukuthi iwine i-Uefa Champions League okokuqala ngesizini ezayo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.